0:00
0:00

Isahluko 96

Hlabelelani kuJehova ihubo elisha, nihlabelele kuJehova, mhlaba wonke.
2 Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe, nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.
3 Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.
4 Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.
5 Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kepha uJehova walenza izulu.
6 Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe; amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.
7 Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu, mnikeni uJehova inkazimulo namandla.
8 Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, ningene emagcekeni akhe.
9 Khulekani kuJehova, nihlobe ubungcwele; thuthumela ebusweni bakhe, mhlaba wonke.
10 Thanini phakathi kwabezizwe: “UJehova uyinkosi,” izwe lihlala liqinile, lingenakushukunyiswa; uthetha amacala ezizwe ngobuqotho.
11 Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo.
12 Mawename amasimu nakho konke okukuwo, ijabule imithi yonke yehlathi
13 ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza, yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba; uyakwahlulela izwe ngokulunga, nezizwe ngokuthembeka kwakhe.