0:00
0:00

Isahluko 66

Kumholi wokuhlabelela. Igama. Ihubo. Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke.
2 Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe, nibabaze ukudunyiswa kwakhe.
3 Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.
4 Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise; bayakuhubela igama lakho.” Sela
5 Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.
6 Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo; bawela umfula ngezinyawo; lapho sathokoza kuye.
7 Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade; amehlo akhe ayahlozinga izizwe; abanenkani mabangaziphakamisi. Sela
8 Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe, nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe
9 ogcina umphefumulo wethu ekuphileni, engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.
10 Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile, wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.
11 Wasingenisa enetheni; wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu.
12 Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu; sangena emlilweni nasemanzini; kepha wasikhiphela ekubuseni.
13 Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa; ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami
14 ezaphinyiselwa yizindebe zami, zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni.
15 Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyo kanye nephunga lezinqama; ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo. Sela
16 Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu; ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.
17 Ngakhala kuye ngomlomo wami; ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami.
18 Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayikungizwa iNkosi.
19 Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami.
20 Makabongwe uNkulunkulu ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.