0:00
0:00

Isahluko 74

IMaskili lika-Asafa. Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na? Intukuthelo yakho ithunqelelani izimvu zedlelo lakho na?
2 Khumbula ibandla lakho owalizuza endulo, owalikhulula ukuba libe yisifunda sefa lakho, nentaba yaseSiyoni ohlala kuyo.
3 Lulamisela izinyawo zakho emidilikweni yaphakade; isitha sone konke endlini engcwele.
4 Izitha zakho zibhongile phakathi kwendlu yakho yokubuthana, zamisa izimpawu zazo zaba yizimpawu.
5 Zaba sengathi abantu baphakamisa amazembe emithini eminyeneyo.
6 Konke okubaziweyo kwayo sezikuphohloze ngembazo nangesando.
7 Zayokhela indlu yakho engcwele; indlu yegama lakho zayidumaza kwaze kwaba phansi emhlabathini.
8 Zathi enhliziyweni yazo: “Masibachithe kanyekanye,” zashisa zonke izindlu zokubuthana zikaNkulunkulu ezweni.
9 Izimpawu zethu asiziboni; akusekho mprofethi; akakho kithina owaziyo ukuthi koze kube nini.
10 Nkulunkulu, koze kube nini umcindezeli ethuka, isitha sihlambalaza igama lakho njalo, na?
11 Usihoshelani isandla sakho, isandla sakho sokunene, na? Sihoshe esifubeni sakho, uzichithe.
12 Nokho uNkulunkulu uyiNkosi yami kwaphakade eyenza insindiso emhlabeni.
13 Nguwena owahlukanisa ulwandle ngamandla akho, wachofoza amakhanda ezilo ezesabekayo emanzini.
14 Nguwena owaphohloza amakhanda kaLeviyathani, wamnika abe ngukudla kwezidalwa zasehlane.
15 Nguwena owaqhamukisa isiphethu nomfudlana; nguwe owomisa imifula egobhoza njalo.
16 Usuku ngolwakho, nobusuku ngobakho; nguwena owenza ukukhanya nelanga.
17 Nguwena owamisa yonke imikhawulo yomhlaba; nguwe owenza ihlobo nobusika.
18 Khumbula lokhu, Jehova, ukuthi isitha sithukile, nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.
19 Ungawunikeli umphefumulo wejuba lakho esilwaneni; ungakhohlwa ukuphila kwezihlupheki zakho njalo.
20 Khumbula isivumelwano, ngokuba izindawo ezimnyama zezwe zigcwele izindlu zobudlova.
21 Ocindezelweyo makangabuyi ejabhile; ohluphekayo nompofu mababonge igama lakho.
22 Vuka, Nkulunkulu, uyimele indaba yakho; khumbula ukuthi uklolodelwa yiziwula usuku lonke.
23 Ungakhohlwa izwi lezitha zakho, ukuxokozela kwabakuvukelayo okwenyukela njalonjalo.