0:00
0:00

Isahluko 102

Umkhuleko wohluphekayo, nxa ephela amandla, ethulula isikhalo sakhe phambi kukaJehova. Jehova, yizwa umkhuleko wami; ukukhala kwami makufinyelele kuwe.
2 Ungafihli ubuso bakho kimi ngosuku losizi lwami; beka indlebe yakho kimi, ngosuku engimemeza ngalo usheshe ungiphendule.
3 Ngokuba izinsuku zami ziphelile njengomusi; amathambo ashile njengezinkuni.
4 Inhliziyo yami ishayiwe, ibunile njengotshani, ngokuba ngiyakhohlwa ukudla isinkwa sami.
5 Ngenxa yezwi lokububula kwami amathambo ami anamathele enyameni yami.
6 Ngiyafana nevuba ehlane, nginjengesikhova kwahlongasibi.
7 Ngiyaqwasha, nginjengenyoni eyodwa ophahleni lwendlu.
8 Izitha zami ziyangithuka usuku lonke; abahlanya ngami bayangiqalekisa.
9 Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa, nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi.
10 Ngenxa yentukuthelo nolaka lwakho ungifukulile, wangilahla.
11 Izinsuku zami zinjengethunzi elandayo; mina uqobo ngiyabuna njengotshani.
12 Kepha wena Jehova uyakuhlala kuze kube phakade, nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.
13 Uyakuvuka, uhawukele iSiyoni; sekuyisikhathi sokuliphatha ngomusa, yebo, isikhathi esimisiweyo sesifikile.
14 Ngokuba izinceku zalo ziyathokoza ngamatshe alo, zihawukele uthuli lwalo.
15 Khona abezizwe bayakulesaba igama likaJehova, amakhosi onke omhlaba inkazimulo yakho.
16 Ngokuba uJehova ulakhile iSiyoni, ubonakele enkazimulweni yakhe;
17 wanaka umkhuleko wabangenalutho, engawudeleli umthandazo wabo.
18 Lokhu kuyakulotshelwa isizukulwane esizayo; abantu abayakudalwa bayakudumisa uJehova.
19 Ngokuba ubheke phansi esekuphakameni kwakhe okungcwele, wabuka umhlaba esezulwini
20 ukuba ezwe ukububula kwesiboshwa, akhulule abantwana bokufa,
21 ukuze kumenyezelwe eSiyoni igama likaJehova nodumo lwakhe eJerusalema,
22 nxa izizwe zibuthana ndawonye kanye nemibuso ukumkhonza uJehova.
23 Wanciphisa amandla ami endleleni, wafinyeza izinsuku zami.
24 Ngithi: “Nkulunkulu wami, ungangisusi enxenyeni yezinsuku zami; iminyaka yakho isezizukulwaneni ngezizukulwane.
25 Endulo wawusekela umhlaba, izulu lingumsebenzi wezandla zakho.
26 Kuyakubhubha lokhu, kepha uyakuma; yebo, kuyakuguga konke njengengubo; njengesambatho uyakukuguqula, kuguqulwe.
27 Kepha unguwe njalo, iminyaka yakho ayiyikuphela.
28 Abantwana bezinceku zakho bayakuhlala; inzalo yabo iyakuma phambi kwakho.”