0:00
0:00

Isahluko 49

Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. Ihubo. Yizwani lokhu nonke nina bantu; bekani indlebe nina nonke enakhileyo ezweni,
2 abantukazana nezikhulu, abacebileyo nabampofu.
3 Umlomo wami uzakukhuluma ukuhlakanipha, ukuzindla kwenhliziyo yami kuzakuba ngokokuqonda.
4 Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga, ngiphenye imfumbe yami ngehabhu. 49:4 AmaH. 78:2.
5 Bengizakwesabelani ezinsukwini ezimbi, lapha ububi babangizingelayo bungihaqa,
6 labo abathemba imfuyo yabo bezigabisa ngomcebo wabo omkhulu, na?
7 Umuntu angemhlenge umfowabo, angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye.
8 Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu; akunakuphela nanini
9 ukuba aphile njalo, angaboni ukubola.
10 Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha, imfuyo yabo bayishiyele abanye. 49:10 Shum. 2:16,18; Jer. 17:11.
11 Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawabiza ngamagama abo.
12 Kepha umuntu, nokuba enodumo, akayikuma; ufana nezilwane ezibhubhayo. 49:12 Shum. 3:19.
13 Le ndlela yabo ingubuwula babo, balandelwa ngabavumela umlomo wabo. Sela
14 Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu; ukufa kuyakubalusa, abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.
15 Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela
16 Ungesabi, nxa umuntu eceba, nxa ubukhosi bendlu yakhe banda. 49:16 AmaH. 37:1,7.
17 Ngokuba ekufeni kwakhe akayikuphatha lutho; ubukhosi bakhe abuyikwehla naye. 49:17 Jobe 27:16; AmaH. 39:6; Luk. 12:15.
18 Noma ebusisa umphefumulo wakhe esaphila, futhi abantu bekudumisa, ngokuba uzondle kahle,
19 nokho uyakuya esizukulwaneni sawoyise; abayikukubona ukukhanya naphakade.
20 Umuntu onodumo engenakuqonda unjengezilwane ezibhubhayo.