0:00
0:00

Isahluko 21

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho; iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.
2 Uyinikile njengokwenhliziyo yayo, nesicelo sezindebe zayo awusinqabanga. Sela
3 Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle; wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo.
4 Yacela ukuphila kuwe, wayinika khona, izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade.
5 Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho; udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.
6 Ngokuba uyibeka ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyithokozisa ngenjabulo ebusweni bakho.
7 Ngokuba inkosi iyethemba uJehova, nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.
8 Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.
9 Uyakubenza babe njengesithando somlilo, nxa ubonakalisa ubuso bakho; uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe, umlilo uyakubaqeda.
10 Isithelo sabo uyakusichitha emhlabeni kanye nenzalo yabo phakathi kwabantwana babantu.
11 Ngokuba babehlosa okubi, baceba icebo; kepha bayahluleka.
12 Ngokuba uyakubafulathelisa; ngosinga lomnsalo wakho uyakukhomba ebusweni babo.
13 Mawuphakame, Jehova, emandleni akho; thina siyakuhlabelela, sidumise amandla akho.