0:00
0:00

Isahluko 106

Haleluya! Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2 Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova, azwakalise lonke udumo lwakhe, na?
3 Babusisiwe abaqaphela ukwahlulela kwakhe, owenza ukulunga ngezikhathi zonke.
4 Ngikhumbule, Jehova, ngomusa onawo kubantu bakho, ungihambele ngensindiso yakho,
5 ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho.
6 Sonile kanye nawobaba; senzile okubi, sonakala.
7 Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe, abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa; bahlubuka ngaselwandle, uLwandle Olubomvu.
8 Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe.
9 Wakhuza uLwandle Olubomvu, lwasha; wabaholela ekujuleni njengasehlane.
10 Wabasindisa esandleni sababazondayo, wabakhulula esandleni sesitha.
11 Amanzi asibekela izitha zabo; akwasala noyedwa kubo.
12 Khona bakholwa ngamazwi akhe, bahlabelela udumo lwakhe.
13 Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe, abalindelanga isiluleko sakhe.
14 Bahaha nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.
15 Wabanika abakufisayo, kepha wathuma ukonda emiphefumulweni yabo.
16 Baba nomhawu ngoMose ekamu, nango-Aroni ongcwele kaJehova.
17 Umhlaba wavuleka, wamgwinya uDathani, wagqiba iviyo lika-Abiramu.
18 Kokheleka umlilo eviyweni labo; ilangabi lashisa laqeda ababi.
19 Benza ithole eHorebe; bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo.
20 Baguqula kanjalo inkazimulo yabo, yaba njengenkabi edla utshani.
21 Bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo owayezenzile izinto ezinkulu eGibithe,
22 izimangaliso ezweni likaHamu nokwesabekayo ngaseLwandle Olubomvu.
23 Wathi ubezakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela, ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.
24 Badelela izwe elihle, babengakholwa yizwi lakhe.
25 Bakhonona besematendeni abo; babengalaleli izwi likaJehova.
26 Ngalokho waphakamisa isandla sakhe ngakubo ukuba abawise ehlane,
27 awise nenzalo yabo phakathi kwabezizwe, abahlakaze emazweni.
28 Bazihlanganisa noBali Peyori, badla okuhlatshelwe abafileyo.
29 Bamcunula ngezenzo zabo; kwabhoboka isifo phakathi kwabo.
30 Wayesesuka uFinehasi, wahlulela; saphela isifo;
31 lokhu wakubalelwa njengokulunga ezizukulwaneni ngezizukulwane kuze kube phakade.
32 Bamcunula ngasemanzini aseMeriba; kwaba kubi kuMose ngenxa yabo.
33 Ngokuba baphambana noMoya wakhe; wakhuluma ngamawala ngomlomo wakhe.
34 Abababhubhisanga abantu uJehova abayaleza ngabo,
35 kepha bahlangana nabezizwe, bafunda imisebenzi yabo.
36 Bakhonza izithombe zabo, zaba lugibe kubo.
37 Amadodana namadodakazi abo bawahlabela amademoni.
38 Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo namadodakazi abo abawahlabela izithombe zaseKhanani; izwe langcoliswa yigazi.
39 Bangcola kanjalo ngemisebenzi yabo, baphinga ezenzweni zabo.
40 Intukuthelo kaJehova yokheleka ngakubantu bakhe; ifa lakhe laba yisinengiso kuye.
41 Wabanikela esandleni sabezizwe; ababazondayo bababusa.
42 Izitha zabo zabacindezela, bathotshiswa phansi kwesandla sazo.
43 Kaningi wabakhulula; kepha bahlubuka ngecebo labo, bawiswa phansi ngobubi babo.
44 Nokho wanaka ukuhlupheka kwabo, esezwile ukukhala kwabo.
45 Wabakhumbulela isivumelwano sakhe; waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe.
46 Wabatholisa ububele ebusweni babo bonke ababebathumbile.
47 Sisindise, Jehova Nkulunkulu wethu, sibuthe kwabezizwe ukuba sidumise igama lakho elingcwele, sethabe ekukudumiseni.
48 Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kusukela phakade kuze kube phakade. Abantu bonke mabathi: “Amen.” Haleluya!