0:00
0:00

Isahluko 121

Igama lokukhuphuka. Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni; usizo lwami luvelaphi na?
2 Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba.
3 Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele; okulondolozayo akayikozela.
4 Bheka, olonda u-Israyeli akozeli, akalali.
5 UJehova ungumlondi wakho; uJehova ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.
6 Ilanga aliyikukushaya emini nenyanga ebusuku.
7 UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke; uyakulonda umphefumulo wakho.
8 UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.