0:00
0:00

Isahluko 72

ElikaSolomoni. Nkulunkulu, nika inkosi izahlulelo zakho nendodana yenkosi ukulunga kwakho.
2 Iyakwahlulela isizwe sakho ngeqiniso nezihlupheki zakho ngemfanelo.
3 Izintaba ziyakuletha ukuthula kubantu; kanjalo namagquma, ngokulunga.
4 Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu, isindise abantwana babampofu, imphohloze onokhahlo.
5 Bayakwesaba wena, kusekhona ilanga nenyanga, izizukulwane ngezizukulwane.
6 Iyakwehla njengemvula edlelweni, njengesihlambi esimatisa umhlaba.
7 Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga.
8 Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.
9 Abakhe ehlane bayakukhothama phambi kwayo; izitha zayo zizakukhotha uthuli.
10 Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho; amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho.
11 Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo; zonke izizwe ziyakuyikhonza.
12 Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi.
13 Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu.
14 Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo.
15 Iyakuphila, bayinike igolide laseSheba, bayithandazele njalo, bayibusise lonke usuku.
16 Kuyakuba khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni; abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.
17 Igama layo liyakuma kuze kube phakade; igama layo liyakuxhanta, lisekhona ilanga; bayakuzibusisa ngayo; bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.
18 Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, onguye yedwa owenza izimangaliso.
19 Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.
20 Imikhuleko kaDavide indodana kaJese isaphelile.