0:00
0:00

Isahluko 138

ElikaDavide. Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke; phambi kwawonkulunkulu ngiyakukuhubela.
2 Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho.
3 Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula; wangiqunga isibindi, wangipha amandla emphefumulweni wami.
4 Onke amakhosi omhlaba ayakukubonga, Jehova, lapho ezwile amazwi omlomo wakho.
5 Yebo, ayakuhlabelela ngezindlela zikaJehova, ngokuba inkulu inkazimulo kaJehova.
6 Ngokuba noma uJehova ephakeme, uyanakekela nokho ophansi; uyamazi ozidlayo ekude.
7 Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko, uyakungiphilisa; uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.
8 UJehova uyakufeza okwami; Jehova, umusa wakho umi phakade; ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.