0:00
0:00

Isahluko 89

IMaskili lika-Ethani umEzra. Ngiyakuhlabelela ngomusa kaJehova kuze kube phakade, ngomlomo wami ngazise izizukulwane ngezizukulwane ukuthembeka kwakho.
2 Ngokuba ngithe: “Umusa uyakwakhiwa kuze kube phakade; ezulwini uyaqinisa ukuthembeka kwakho.”
3 Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami, ngifungile kuye uDavide inceku yami ukuthi:
4 “Ngiyakuqinisa inzalo yakho kuze kube phakade, ngisakhe isihlalo sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane.” Sela
5 Izimangaliso zakho, Jehova, ziyadunyiswa ngamazulu, ukuthembeka kwakho ebandleni labangcwele.
6 Ngokuba ngubani osemafwini ongalinganiswa noJehova na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noJehova na?
7 UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele; umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye.
8 Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe na? Unamandla, Jehova, nokuthembeka kwakho kuyakuhaqa.
9 Wena uyabusa ukukhukhumala kolwandle; uma kuphakama amadlambi alo, uyawathulisa.
10 Wena uchobozile uRahabi njengobuleweyo; uhlakazile izitha zakho ngengalo yakho enamandla.
11 Ngelakho izulu, ngowakho umhlaba; izwe nokugcwala kwalo, kukho konke ubeke isisekelo.
12 Inyakatho neningizimu wakudala wena; iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho.
13 Ingalo yakho inobuqhawe, isandla sakho sinamandla, esokunene sakho siphakeme.
14 Ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi; umusa neqiniso kuyahamba phambi kobuso bakho.
15 Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo; siyahamba, Jehova, ekukhanyeni kobuso bakho.
16 Egameni lakho siyathokoza usuku lonke; ngokulunga kwakho siyaphakanyiswa.
17 Ngokuba wena uyinkazimulo yamandla abo; ngomusa wakho uphondo lwethu luyaphakama.
18 Ngokuba isihlangu sethu singesikaJehova; inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli.
19 Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi: “Ngibekile usizo eqhaweni, ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu.
20 Ngifumene inceku yami uDavide, ngimgcobile ngamafutha ami angcwele.
21 Isandla sami siyakuba naye siqinile, ingalo yami iyakumqinisa.
22 Isitha asiyikumahlula, nendodana yobubi ayiyikumhlupha.
23 Ngiyakuchoboza izitha zakhe ebusweni bakhe, ngihluphe abamzondayo.
24 Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye; egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe.
25 Ngiyakubeka isandla sakhe phezu kolwandle, esokunene sakhe phezu kwemifula.
26 Uyakungibiza ngokuthi: ‘UnguBaba, unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.’
27 Ngiyakumenza abe yizibulo nophakamileyo kunamakhosi omhlaba.
28 Ngiyakumgcinela umusa wami kuze kube phakade; isivumelwano sami soba siqinile kuye.
29 Ngiyakwenza inzalo yakhe ime kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengezinsuku zezulu.
30 “Uma abantwana bakhe beshiya umthetho wami bengahambi ngezahlulelo zami,
31 uma bephula izimiso zami bengagcini imiyalo yami,
32 ngiyakuhambela izono zabo ngenduku, namacala abo ngemivimbo.
33 Kepha umusa wami angiyikuwususa kuye, ngingaphikisi ukuthembeka kwami.
34 Angiyikwaphula isivumelwano sami, nokuphumileyo ezindebeni zami angiyikukuguqula.
35 Ngafunga kanye ubungcwele bami, angiyikuqamba amanga kuDavide.
36 Inzalo yakhe iyakuma phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami.
37 Iyakuma phakade njengenyanga nanjengofakazi othembekileyo osemafwini.” Sela
38 Kepha usumlahlile, wamala, wamthukuthelela ogcotshiweyo wakho.
39 Uchithile isivumelwano senceku yakho, wadumaza umqhele wayo, wawuphonsa emhlabathini.
40 Udilizile zonke izindonga zakhe, wazenza izinqaba zakhe zaba yincithakalo.
41 Bonke abadlula ngendlela bayamphanga; waba yihlazo kwabakhelene naye.
42 Uphakamisile esokunene sabamelene naye, wajabulisa zonke izitha zakhe.
43 Futhi ubuyisele emuva usiko lwenkemba yakhe, awumvumelanga ukuma ekulweni.
44 Ususile inkazimulo yakhe, wawisa phansi emhlabathini isihlalo sakhe sobukhosi.
45 Ufinyezile izinsuku zobusha bakhe, wamthela ngamahloni. Sela
46 Koze kube nini uyakuzisitha, Jehova, nentukuthelo yakho ivutha njengomlilo, na?
47 Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani nokuthi wadalela ize bonke abantwana babantu.
48 Ngubani oyakuphila engayikubona ukufa, akhulule umphefumulo wakhe emandleni endawo yabafileyo, na? Sela
49 Nkosi, uphi umusa wakho wakuqala owawufungela kuDavide ngokuthembeka kwakho na?
50 Khumbula, Nkosi, ihlazo lezinceku zakho nokuthi ngithwele esifubeni sami ihlazo lezizwe eziningi kakhulu,
51 ezisola ngalo izitha zakho, Jehova, ezisola ngalo ukuhamba kogcotshiweyo wakho.
52 Makabongwe uJehova kuze kube phakade. Amen, Amen.