0:00
0:00

Isahluko 35

ElikaDavide. Phikisana, Jehova, nabaphikisana nami, ulwe nabo abalwa nami.
2 Thatha ihawu nesihlangu, uvuke, ungisize.
3 Hosha umkhonto, uvimbe indlela kwabangizingelayo; yisho kuwo umphefumulo wami, uthi: “Mina ngiyinsindiso yakho.”
4 Mabajabhe, bahlazeke abafuna umphefumulo wami; mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangisongelayo. 35:4 AmaH. 40:14.
5 Mababe njengamakhoba emoyeni, ingelosi kaJehova ibadudule. 35:5 Hos. 13:3.
6 Indlela yabo mayibe mnyama, ibebushelezi, ingelosi kaJehova ibaxoshe. 35:6 Josh. 10:10.
7 Ngokuba bangenzele ngasesitha igebe lenetha labo, kungekho sici, bembele umphefumulo wami umgodi, kungekho cala. 35:7 Math. 22:15.
8 Ukubhujiswa makumehlele engazelele; inetha lakhe alibeke ngasesitha malimbambe yena; makawele kulo kube ngukubhujiswa kwakhe. 35:8 AmaH. 141:10.
9 Khona umphefumulo wami uzakwethaba kuJehova, uthokoze ngokusindisa kwakhe.
10 Onke amathambo ami azakuthi: “Jehova, ngubani onjengawe, wena okhulula ohluphekayo, yebo, ohluphekayo nompofu komphangayo, na?”
11 Ofakazi abangalungile bayasukuma, babuza kimi engingakwaziyo. 35:11 Math. 26:60; Luk. 23:2,10; Joh. 18:30.
12 Bangiphindisela okubi ngokuhle; umphefumulo wami bawusozisele. 35:12 AmaH. 109:5.
13 Kanti ekuguleni kwabo mina ngangembethe ezokuzila; umphefumulo wami ngawuhlupha ngokuzila ukudla; umkhuleko wami wabuyela esifubeni sami. 35:13 1 AmaKh. 18:42.
14 Ngahamba kungathi bekungumngane wami nomfowethu; njengokhalela unina ngakhothama ngokulila.
15 Kepha ekuweni kwami bahlekisa ngami, babuthana ndawonye; abashayi engingabaziyo bangibunganyela; badumaza bengayeki. 35:15 Math. 26:3.
16 Njengezinteli ezikhonzela ucezu lwesinkwa bangigedlela amazinyo.
17 Nkosi, lokho uzakukubukela kuze kube nini na? Sindisa umphefumulo wami ekubhubhiseni kwabo, ukuphila kwami ezingonyameni ezingamabhongo. 35:17 AmaH. 22:20.
18 Ngizakukubonga ebandleni elikhulu, ngikudumise phakathi kwabantu abaningi. 35:18 AmaH. 22:22.
19 Mabangajabuli ngami abayizitha zami bengenasizathu; mabangaqwayizi amehlo abangizonda ngeze. 35:19 Joh. 15:25.
20 Ngokuba abakhulumi ukuthula, kepha baqamba amazwi enkohliso ngabazithuleleyo emhlabeni.
21 Yebo, bangikhamisela kakhulu umlomo wabo, bathi: “Ashila, ashila, iso lethu liyabona!” 35:21 Jobe 16:10.
22 Uyakubona, Jehova; mawungathuli; Nkosi, mawungabi kude nami.
23 Vuka, usukumele ukwahlulelwa kwami, Nkulunkulu wami, Nkosi yami, umele icala lami.
24 Ngahlulele ngokulunga kwakho, Jehova Nkulunkulu wami; mabangajabuli ngami. 35:24 AmaH. 7:8.
25 Mabangasho enhliziyweni yabo ukuthi: “He, kwaya ngesifiso sethu!” Mabangasho ukuthi: “Simgwinyile.”
26 Mabajabhe, babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami; abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo. 35:26 AmaH. 40:14; 109:29.
27 Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami; mabathi njalonjalo: “Makadunyiswe uJehova othokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.” 35:27 AmaH. 40:16.
28 Ulimi lwami luzakushumayela ngokulunga kwakho, usuku lonke ngodumo lwakho.