0:00
0:00

Isahluko 148

Haleluya! Dumisani uJehova ezulwini, nimdumise kweliphezulu.
2 Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke, nimdumise nina mabandla akhe onke.
3 Mdumiseni nina langa nenyanga, nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo.
4 Mdumiseni nina mazulu amazulu, nina manzi aphezu kwezulu.
5 Makuthathe kudumise igama likaJehova, ngokuba wayaleza, kwadaleka.
6 Futhi wakumisa kuze kube phakade; washaya umthetho ongenakweqiwa.
7 Mdumiseni uJehova emhlabeni nina mikhomo nezintwa zonke,
8 nawe mlilo nesichotho, liqhwa nenkwezane, nawe siphepho esenza okwezwi lakhe,
9 nani zintaba namagquma onke, nani mithi ethelayo nayo yonke imisedari,
10 nani zilwane nezinkomo zonke, nani eninwabuzelayo nezinyoni ezindizayo,
11 nani makhosi omhlaba nabantu bonke, nani zikhulu nabahluleli bonke bomhlaba,
12 nani zinsizwa nezintombi, nani maxhegu nabafana.
13 Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.
14 Usephakamisile uphondo lwabantu bakhe; ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe, abantwana bakwa-Israyeli, abantu abaseduze naye. Haleluya!