0:00
0:00

Isahluko 52

Kumholi wokuhlabelela. IMaskili likaDavide ekufikeni kukaDowegi wakwa-Edomi emazisa uSawule, ethi kuye: “UDavide ufikile endlini ka-Ahimeleki.” Uzigabiselani ngokubi wena siqhwaga na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.
2 Ulimi lwakho lusongoza okubi njengempuco eloliweyo, wena owenza amacebo. 52:2 AmaH. 57:4.
3 Uthanda okubi kunokuhle, namanga kunokukhuluma ukulunga. Sela
4 Uthanda onke amazwi okubhubhisa wena lulimi lwenkohliso.
5 Ngakho-ke uNkulunkulu uyakukubhidliza kuze kube phakade; uyakukubamba, akukhiphe etendeni lakho, akusiphule ezweni labaphilayo. Sela
6 Abalungileyo bayakukubona, besabe; bayakumhleka, bathi: 52:6 AmaH. 58:10.
7 “Bheka, nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso.” 52:7 AmaH. 62:10.
8 Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu; ngithemba umusa kaNkulunkulu njalonjalo kuze kube phakade naphakade. 52:8 AmaH. 92:12.
9 Ngizakukudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile; ngizakulindela igama lakho, ngokuba lihle phambi kwabangcwele bakho.