0:00
0:00

Isahluko 37

ElikaDavide. Ungazikhathazi ngababi, ungabi namhawu ngabenza okungalungile.
2 Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani, babune njengemithana eluhlaza.
3 Themba kuJehova, wenze okulungileyo; hlala ezweni, uzondle ngokukholeka;
4 zithokozise ngoJehova, yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.
5 Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza.
6 Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya, nokufanele wena njengemini.
7 Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi.
8 Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje.
9 Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.
10 Kuse ngumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho.
11 Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.
12 Omubi uyamsongela olungileyo ngokubi, amgedlele amazinyo.
13 INkosi iyakumhleka, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe luyeza.
14 Ababi bahosha inkemba, bansale umnsalo wabo ukuba bamwise phansi ohluphekileyo nompofu, babulale abandlela ilungile.
15 Inkemba yabo izakungena kweyabo inhliziyo, iminsalo yabo yaphulwe.
16 Okuncane anakho olungileyo kungcono kunemfuyo yababi abaningi.
17 Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa, kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo.
18 UJehova uyazazi izinsuku zabaqotho; ifa labo liyakuma kuze kube phakade.
19 Abayikujabha esikhathini esibi; bayakusutha ezinsukwini zendlala.
20 Ngokuba ababi bayakubhubha; izitha zikaJehova zinjengobuhle bamadlelo: ziyakunyamalala, zinyamalale njengentuthu.
21 Omubi uyatsheleka, angabuyiseli; kepha olungileyo unesihawu, aphane.
22 Ngokuba ababusisiweyo bakhe bazakulidla ifa lomhlaba, kepha abaqalekiswa nguye bazakuchithwa.
23 Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova; uyayithanda indlela yakhe.
24 Noma ekhubeka, akayikuwa phansi, ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe.
25 Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.
26 Usuku lonke uyahawukela, atsheleke, nenzalo yakhe iyisibusiso.
27 Deda kokubi, wenze okuhle, uyakuhlala kuze kube phakade.
28 Ngokuba uJehova uthanda ukulunga, akabashiyi abangcwele bakhe; bayalondolozwa kuze kube phakade, kepha inzalo yababi iyachithwa.
29 Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.
30 Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha; ulimi lwakhe lukhuluma ukulunga.
31 Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe; izinyathelo zakhe azisheleli.
32 Omubi uqaphela olungileyo, ufuna ukumbulala.
33 UJehova akayikumnikela esandleni sakhe; akayikumlahla lapho ahlulelwa khona.
34 Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona.
35 Ngambona omubi oyisidlova ezenabisile njengomuthi oluhlaza ogxilileyo;
36 kwathi lapho umuntu edlula, bheka, wayengasekho; ngamfuna, kepha akabe esafunyanwa.
37 Mbhekisise ongasolekiyo, umbone oqotho; ngokuba umuntu wokuthula, ukugcina kwakhe kuhle.
38 Kepha abaphambukayo bayakubhujiswa bonke; isikhathi sababi siyakunqunywa.
39 Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova; uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka.
40 UJehova uyabasiza, abakhulule; ubakhulula kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.