0:00
0:00

Isahluko 131

Igama lokukhuphuka. ElikaDavide. Jehova, inhliziyo yami ayikhukhumali, amehlo ami awaziphakamisi; angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingahlulayo.
2 Ngiduduzile, ngawuthulisa umphefumulo wami; njengomntwana olunyuliweyo kunina, njengolumulekileyo, unjalo umphefumulo wami phakathi kwami.
3 Israyeli, yethemba uJehova kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade