0:00
0:00

Isahluko 127

Igama lokukhuphuka. ElikaSolomoni. Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.
2 Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.
3 Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.
4 Njengemicibisholo esandleni seqhawe banjalo abantwana bobusha.
5 Ibusisiwe indoda emgodla wayo ugcwele bona; abayikujabha lapho bekhuluma nezitha zabo esangweni.