Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 9

Kepha ukuhwelela akuyikuba khona kohluphekayo. Njengesikhathi esidlule senza ukuba kufiliswe izwe lakwaZebuloni nezwe lakwaNafetali, isikhathi esizayo siyakwenza ukuba ikhazimule indlela yolwandle ngaphesheya kweJordani, isifunda sabezizwe.
2 Abantu abahamba ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; abahlezi ezweni lethunzi lokufa ukukhanya kuyabakhanyisela.
3 Uyakwandisa isizwe, ukhulise intokozo yaso; bathokoza phambi kwakho njengokuthokoza ekuvuneni, njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.
4 Ngokuba ijoka lomthwalo wabo, nenduku yamahlombe abo, noswazi lomhluphi wabo uyakwaphula njengasosukwini lukaMidiyani.
5 Ngokuba zonke izicathulo ezifakiweyo esiyaluyalwini sokulwa nezingubo ezigingqwe egazini ziyakuba ngezokushiswa, zidliwe ngumlilo. 9:5 AmaH. 46:9.
6 Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.
7 Umbuso uyakuba mkhulu, ukuthula kungabi nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.
8 INkosi ithume izwi kuJakobe, lehlela kwa-Israyeli.
9 Bonke abantu bayakwazi, u-Efrayimi nabakhe eSamariya, abasho ekuziphakamiseni kwabo nasekuziqhenyeni kwenhliziyo ukuthi:
10 “Izitini ziwile, kepha siyakwakha ngamatshe abaziweyo; imithombe igawuliwe, kepha siyakutshala imisedari ezikhundleni zayo.”
11 UJehova uyabaphakamisela izitha zikaResini, ahlomise abamelene nabo,
12 i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva, bamudle u-Israyeli ngomlomo okhamisiweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.
13 Abantu ababuyelanga nokho kobashayileyo, futhi abamfunanga uJehova Sebawoti.
14 Ngalokho uJehova uyanquma kwa-Israyeli ikhanda nomsila, igatsha lesundu nomhlanga, ngalusuku lunye.
15 Ilunga nophakemeyo bayikhanda, nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.
16 Ngokuba abahola laba bantu bayabadukisa, nabaholwa yibo bayagwinywa.
17 Ngalokho iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo, ayihawukeli izintandane nabafelokazi babo, ngokuba bonke bangabangenaNkulunkulu nabenza okubi, nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.
18 Ngokuba ububi bushisa njengomlilo, buqeda amakhakhasi nameva, buthungela ezihlahleni zamahlathi, zize zifuquke insika yomusi.
19 Ngentukuthelo kaJehova Sebawoti izwe lishisiwe; abantu bangukudla komlilo, akakho osindisa umfowabo.
20 Umuntu uyahlwitha ngakwesokunene, abe esalambile nokho, adle ngakwesokhohlo, kepha angasuthi; bayakudla, kube yilowo nalowo inyama yengalo yakhe,
21 uManase u-Efrayimi, no-Efrayimi uManase, bobabili basukele kanyekanye uJuda; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.