Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 19

Isiprofetho ngeGibithe. Bheka, uJehova ukhwele phezu kwefu elinejubane, uyeza eGibithe; onkulunkulu baseGibithe bayathuthumela ebusweni bakhe, nezinhliziyo zabaseGibithe ziphela amandla phakathi kwabo.
2 “Ngiyakuvusa abaseGibithe ukuba bamelane nabaseGibithe, balwe, kube yilowo nalowo nomfowabo, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, umuzi nomuzi, umbuso nombuso.
3 Umoya waseGibithe uyakuba yize ngaphakathi kwalo; ngiyakuchitha amasu alo; bayakufuna onkulunkulu, nezinyanga, nabanamadlozi, nabathakathi.
4 Ngiyakubanikeza abaseGibithe esandleni senkosi elukhuni, nenkosi enamandla iyakubusa phezu kwabo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.
5 Amanzi ayakuphela elwandle, umfula wome, ushe.
6 Imifula iyakunuka, imifudlana yaseGibithe iyakuncipha, yome, kubune umhlanga nebungu.
7 Kuyakuba khona uqwathule ngaseNayile, ngasogwini lweNayile, nakho konke okutshaliwe ngaseNayile kuyakoma, kuhlakazwe, kungabe kusababikho.
8 Abadobi bayakukhala, balile, bonke abaphonsa udobo eNayile; nabeneka amanetha emanzini bayakudabuka.
9 Bayakujabha abasebenza ngefilakisi eliklayiweyo kanye nabaluki belineni.
10 Izisekelo zalo ziyakwaphulwa, bonke abasebenza ngokuqashwa badabuke ngenhliziyo.
11 Izikhulu zaseSowani ziyiziwula impela, nesiluleko sabaluleki abahlakaniphileyo bakaFaro siphendukile ubuwula; ningasho kanjani kuFaro ukuthi: “Mina ngiyindodana yabahlakaniphileyo, ngiyindodana yamakhosi asendulo,” na?
12 Pho, baphi abahlakaniphileyo bakho na? Mabakutshele, bakwazise lokhu akucebile uJehova Sebawoti ngeGibithe.
13 Izikhulu zaseSowani ziphendukile iziwula, izikhulu zaseNofi zikhohlisiwe; balidukisile iGibithe abangamatshe amagumbi ezizwe zalo.
14 UJehova uthulule umoya ophambeneyo phakathi kwabo, baze balintengantengise iGibithe kuyo yonke imisebenzi yalo njengesidakwa sintengantenga ebuhlanzweni baso.
15 IGibithe aliyikuba namsebenzi oyakwenziwa yikhanda nomsila, negatsha lesundu nomhlanga.
16 Ngalolo suku iGibithe liyakuba njengabesifazane, lithuthumele, lesabe ukunikina kwesandla sikaJehova Sebawoti asinikina phezu kwalo.
17 Izwe lakwaJuda liyakuba yingebhe yeGibithe; njalo lapho likhunjuzwa ngalo, liyakwesaba icebo uJehova Sebawoti alicebe ngalo.
18 Ngalolo suku kuyakuba yimizi eyisihlanu ezweni laseGibithe eyakukhuluma ulimi lwaseKhanani, ifunge uJehova Sebawoti; omunye uyakuthiwa uMuzi Welanga.
19 Ngalolo suku kuyakuba khona i-altare kuJehova phakathi kwezwe laseGibithe, nensika kuJehova emkhawulweni walo.
20 Liyakuba yisibonakaliso nobufakazi kuJehova Sebawoti ezweni laseGibithe, ngokuba bayakukhala kuJehova ngabacindezeli; yena uyakubathumela umsindisi nomvikeli, abophule.
21 UJehova uyakuzazisa eGibithe, nabaseGibithe bayakumazi uJehova ngalolo suku, bamkhonze ngomhlatshelo nomnikelo, benze izithembiso kuJehova, bazigcwalise.
22 UJehova uyakulishaya iGibithe, elishaya, abeseliphulukisa; bayakubuyela kuJehova, bamncenge, abaphulukise.
23 Ngalolo suku kuyakuba khona umendo ophuma eGibithe uye e-Asiriya; i-Asiriya liyakungena eGibithe, iGibithe lingene e-Asiriya, iGibithe likhuleke kanye ne-Asiriya.
24 Ngalolo suku u-Israyeli uyakuba ngowesithathu kanye neGibithe ne-Asiriya, babe yisibusiso phakathi komhlaba,
25 uJehova Sebawoti ababusisa ngaso, ethi: “Malibusiswe iGibithe abantu bami, ne-Asiriya umsebenzi wezandla zami, no-Israyeli ifa lami.”