Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 45

“Usho kanje uJehova kogcotshiweyo wakhe, kuKoresi, osandla sakhe sokunene ngisibambile ukuba ngahlule izizwe phambi kwakhe, ngithukulule izinkalo zamakhosi, ngivule iminyango phambi kwakhe, amasango angabe esavalwa.
2 Mina ngiyakuhamba phambi kwakho, ngihlelembe amagebhugebhu, ngaphule izivalo zethusi, nginqume imigoqo yensimbi.
3 Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama, nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezisithekileyo, ukuba wazi ukuthi nginguJehova okubiza ngegama lakho, uNkulunkulu ka-Israyeli.
4 Ngenxa yenceku yami uJakobe, u-Israyeli okhethiweyo wami, ngikubizile ngegama lakho, ngikunikile igama lodumo, ungakangazi.
5 Mina nginguJehova, akakho omunye; ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu; ngiyakubhincisa ungakangazi,
6 ukuze bazi kusukela empumalanga nasentshonalanga ukuthi akakho ngaphandle kwami; mina nginguJehova, akakho omunye;
7 yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidala okubi; nginguJehova owenza konke lokho.
8 “Consani, mazulu, phezulu, amafu athuntulule ukulunga; umhlaba mawuvuleke, kuthelwe ukusindiswa, kumile nokulunga; mina Jehova ngikudalile.
9 “Wo kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlaba! Ibumba liyakusho kolibumbayo ukuthi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho ukuthi: ‘Akanazo izandla,’ na?
10 Wo kuye osho kuyise ukuthi: ‘Uzalani na?’ nakowesifazane ukuthi: ‘Unemihelo ngani na?’
11 “Usho kanje uJehova, oNgcwele ka-Israyeli noMenzi wakhe, uthi: Ningibuza ngezinto ezizayo, ngabantwana bami, ningiyaleze ngomsebenzi wezandla zami, na?
12 Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; mina ngezandla zami ngeneka izulu, nebandla lalo lonke ngiliyalezile.
13 Mina ngimvusile lona ngokulunga; ngiyakuhlelemba zonke izindlela zakhe; yena uyakuwakha umuzi wami, avumele abathunjwa bami ukuba bahambe, kungabi ngenkokhelo nangesipho, usho uJehova Sebawoti.”
14 Usho kanje uJehova, uthi: “Okukhandlekelweyo kwaseGibithe nokuzuziweyo kwaseKushe, nangamaSheba, abantu abade, kuyakungena kuwe, kube ngokwakho; bayakukulandela, bafike beboshwe ngamaketanga, bakhothamele kuwe, bakhuleke kuwe, bathi: ‘UNkulunkulu ukuwe kuphela, akakho omunye, akakho ngaphandle kukaNkulunkulu.’ ”
15 Impela unguNkulunkulu ozifihlayo, wena Nkulunkulu, Msindisi.
16 Bayakujabha, babe namahloni bonke kanyekanye; bayakuhamba benamahloni bonke abenza izithombe.
17 Kepha u-Israyeli uyakusindiswa nguJehova ngokusindiswa okuphakade; aniyikujabha, aniyikuba namahloni kuze kube phakade.
18 Ngokuba usho kanje uJehova, owalidala izulu, onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguJehova, akakho omunye.
19 Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi: ‘Ngifuneni ngeze.’ Mina Jehova ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho.
20 “Buthanani nize, nisondelane ndawonye nina bakhululekileyo bezizwe; abawuthwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo abanakwazi, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.
21 Kumemezeleni, nikuveze; yebo, balulekane kanyekanye. Ngubani owakuzwisa lokhu endulo, wakumemezela kwasesikhathini samandulo na? Akusimina Jehova na? Akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami, uNkulunkulu olungileyo noMsindisi, akakho ngaphandle kwami.
22 “Phendukelani kini, nisindiswe, nonke nina majukujuku omhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.
23 Ngizifungile mina, kuphumile izwi emlonyeni wami ngokulunga, aliyikubuya, lokuthi: Kimina ayakuguqa onke amadolo, nezilimi zonke ziyakufunga.
24 Kuyakuthiwa: ‘KuJehova kuphela nginokulunga namandla.’ ” Bayakufika kuye, bajabhe bonke abamvuthelayo.
25 KuJehova yonke inzalo kaJakobe yakwa-Israyeli iyakulungisiswa, ibe nodumo.