Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 54

“Jabula wena nyumba, wena ongazalanga, uqhumuke ngokuhlabelela, umemeze wena ongabanga namihelo, ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda,” usho uJehova.
2 “Yenza ibe banzi indawo yetende lakho; mabazelule izindwangu zamakhaya akho, ungazibambezeli, welule izintambo zakho, uziqinise izikhonkwane zakho.
3 Ngokuba uyakusabalala ngakwesokunene nangakwesokhohlo, nengalo yakho iyakuqeda abezizwe, yakhe imizi echithekileyo.
4 “Ungesabi, ngokuba awuyikujabha, ungabi namahloni, ngokuba awuyikujabhiswa, ngokuba uyakukhohlwa ihlazo lobusha bakho, ungabe usawakhumbula amahloni obufelokazi bakho.
5 Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguJehova Sebawoti igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli unguMhlengi wakho, uyakubizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.
6 Ngokuba uJehova ukubizile njengomfazi oshiyiweyo nodabukileyo emoyeni; umfazi wobusha ukhona omalayo na?” usho uNkulunkulu wakho.
7 “Umzuzwana omncane ngakushiya, kepha ngobumnene obukhulu ngiyakukubutha.
8 Ngentukuthelo echichimayo ngabusitheza ubuso bami kuwe isikhashana, kepha ngomusa ongapheliyo ngiyakukuhawukela,” usho uJehova uMhlengi wakho.
9 “Ngokuba lokhu kunjengezinsuku zikaNowa kimi, ngokuba njengalokho ngafunga ukuthi amanzi kaNowa awayikube esadlula emhlabeni, kanjalo sengifungile ukuthi angisayikukuthukuthelela, ngikusole.
10 Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa, kepha umusa wami awuyikumuka kuwe, nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,” usho uJehova okuhawukelayo.
11 “Wena ohluphekayo, ohlukunyeziwe ungaduduzwanga, bheka, ngiyakufaka amatshe akho abe mahle, ngizibeke izisekelo zakho ngamasafire.
12 Ngiyakwenza imibhoshongo yakho ngamarubi, namasango akho ngekristalo, nayo yonke imikhawulo yakho ngamatshe amahle.
13 Bonke abantwana bakho bayakuba ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.
14 Uyakumiswa ngokulunga; uyakuba kude nokucindezelwa, ngokuba awuyikwesaba, nanovalo, ngokuba aluyikusondela kuwe.
15 Bheka, uma bebuthana, kungaphandle kwami, noma ngubani obuthanela wena, uyakuwa ngenxa yakho.
16 “Bheka, mina ngidalile umkhandi ofutha umlilo wamalahle, azikhiphele isikhali somsebenzi wakhe; mina ngidalile futhi umchithi wokuba abhubhise.
17 Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.