Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 23

Isiprofetho ngeTire. Klewulani nina, Mikhumbi yaseTharishishi, ngokuba lichithekile; indlu ayisekho, nokungena akusenakwenzeka; kwambulelwe kubo kuvela ezweni laseKitimi.
2 Thulani nina enakhileyo ngasogwini, nina abathengisi baseSidoni abanigcwalisile bedabula elwandle.
3 Emanzini amaningi imbewu yaseSihori nokuvuna kweNayile kwakuyinzuzo yalo; laliyindawo yokuthenga kuzo izizwe.
4 Yiba namahloni wena Sidoni, ngokuba lukhulumile ulwandle, inqaba yolwandle, ngokuthi: “Angibanga namihelo, angizalanga, angikhulisanga izinsizwa, angondlanga izintombi.”
5 Lapho kubikwa eGibithe, bayakuthuthumela ngokuzwa ngeTire.
6 Welani niye eTharishishi; klewulani nina enakhileyo ngasogwini.
7 Yilowo ongumuzi wenu ojabulayo, ubudala bawo busukela ezinsukwini zasendulo, owayiswa kude yizinyawo zawo ukuba uhlale khona, na?
8 Ngubani ocebe lokhu ngeTire eliqhelisayo, elibathengi balo bayizikhulu, nabahwebi balo bangabadumileyo bomhlaba, na?
9 NguJehova Sebawoti okucebileyo ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi, badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.
10 Dabula izwe lakho njengeNayile, ndodakazi yaseTharishishi; akusekho bhande.
11 Welulile isandla sakhe phezu kolwandle, wazamazamisa imibuso; uJehova uyalezile ngeKhanani ukuba kuchithwe izinqaba zalo.
12 Wathi: “Awusayikujabula wena ntombi ehlazisiweyo, ndodakazi yaseSidoni; vuka, uwelele eKitimi; nalapho awuyikuthola ukuphumula.”
13 Bheka, izwe lamaKaledi, leso sizwe esingasekho, esanqunyelwa yi-Asiriya izilwane zasehlane, limisa imibhoshongo, lizenza ize izindlu zaso zamakhosi, lenza laba yincithakalo.
14 Klewulani nina mikhumbi yaseTharishishi, ngokuba inqaba yenu ichithekile.
15 Kuyakuthi ngalolo suku iTire likhohlakale iminyaka engamashumi ayisikhombisa njengezinsuku zankosinye. Ngasekupheleni kweminyaka engamashumi ayisikhombisa kuyakuba khona kulo iTire njengasesihlabelelweni sesifebe:
16 “Thatha ihabhu, uhambahambe emzini wena sifebe esikhohlakeleyo, ubethe kamnandi, uhlabelele izihlabelelo eziningi, ukuze ukhunjulwe.”
17 Kuyakuthi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi ayisikhombisa uJehova ahambele iTire, lona libuyele enzuzweni yalo, lifebe nayo yonke imibuso yezwe ebusweni bomhlaba.
18 Intengo yalo nenzuzo yalo iyakuba ngcwele kuJehova; ayiyikunqwabelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyakuba ngeyabahlala phambi kukaJehova, ukuze badle basuthe, babe nezingubo ezinhle.