Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 38

Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa. Kwafika kuye u-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.”
2 UHezekiya wayesephendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova,
3 wathi: “Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.
4 Lafika ku-Isaya izwi likaJehova, lathi:
5 “Hamba, uthi kuHezekiya: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu.
6 Ngiyakophula wena nalo muzi esandleni senkosi yase-Asiriya, ngiwuvikele lo muzi.
7 “ ‘Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lokho akukhulumileyo:
8 bheka, isithunzi sezinyathelo ilanga elizehlile ezinyathelweni zelanga zika-Ahazi ngiyakusibuyisa izinyathelo eziyishumi.’ ” Ilanga labuya-ke izinyathelo eziyishumi ezinyathelweni elizehlileyo.
9 Ihubo likaHezekiya inkosi yakwaJuda lapho wayekade egula, wasinda ekuguleni kwakhe:
10 Ngathi: “Ngiphakathi nezinsuku zami ngiyakungena emasangweni endawo yabafileyo, ngaphuciwe inxenye yeminyaka yami.”
11 Ngathi: “Angiyikumbona uJehova, uJehova ezweni labaphilayo; angisayikubuka muntu nginabakhileyo bezwe.
12 Idokodo lami lisishuliwe, lasuswa kimi njengetende lomalusi; ngisongile ukuphila kwami njengomaluki; uyanginquma esalukweni; kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.
13 Ngakhala kwaze kwaba sekuseni; njengengonyama uyaphula onke amathambo ami; kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.
14 Ngatshiyozisa okwenkonjane, ngaliliselisa okwejuba; amehlo ami aphela ngokubheka phezulu; Nkosi, ngiyacindezelwa; yiba yisibambiso sami.”
15 Ngingakhuluma ngithini na? Ukhulumile kimi, ukwenzile yena. Ngiyakubinyabinyeka yonke iminyaka ngomunyu womphefumulo wami.
16 Nkosi, abantu baphila ngalokho, nokuphila komoya wami kukulokho kuphelele; ngalokho mawungiphulukise, ungiphilise.
17 Bheka, kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu; wena wawuthanda umphefumulo wami, waze waphuma egodini lokubhujiswa, ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.
18 Ngokuba indawo yabafileyo ayikubongi, nokufa akukudumisi; abehlela egodini ababheki ukuthembeka kwakho.
19 Abaphilayo, abaphilayo bayakubonga njengami namuhla; uyise uyabazisa abantwana ukuthembeka kwakho.
20 UJehova uyakungisindisa; ngalokho siyakubetha ngezingubhu ezinezintambo zonke izinsuku zokuhamba kwethu endlini kaJehova.
21 U-Isaya wathi: “Mabathathe isigaxa samakhiwane, basibeke ethumbeni, uyakusinda.”
22 Kepha uHezekiya wathi: “Yisibonakaliso sini sokuba ngiyakwenyukela endlini kaJehova na?”