Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 27

Ngalolo suku uJehova uyakuhambela ngenkemba yakhe elukhuni enkulu nenamandla uLeviyathani, inyoka esheshayo, uLeviyathani, inyoka ethandelayo, abulale udrako oselwandle.
2 Ngalolo suku kuyakuba khona isivini esinxanelekayo. “Hlabelelani ngaso.
3 Mina Jehova ngingumlindi waso, ngiyakusinisela njalo; funa soniwe, ngiyakusilinda ubusuku nemini.
4 Ukufutheka akukho kimi; sengathi kungaba khona amakhakhasi nameva! Bengiyakuwasukela ngokulwa, ngiwashise kanyekanye,
5 noma abambelele emandleni ami ukuba enze ukuthula nami, enzelane ukuthula nami.”
6 Ngezinsuku ezizayo uJakobe uyakugxila, u-Israyeli akhahlele, aqhakaze, bagcwalise ubuso bomhlaba ngezithelo.
7 Ubashayile njengalokho ebashayile ababashayayo na? Babulewe njengokubulawa kwababulewe nguye na?
8 Ngokubamukisa nangokubaxosha uyabajezisa; wabasusa ngomoya wakhe olukhuni ngosuku lomoya wasempumalanga.
9 Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu, lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe, lapho enza ukuba onke amatshe e-altare avithizeke njengamatshe omcako, kungabe kusamiswa o-Ashera nama-altare empepho.
10 Ngokuba umuzi obiyelweyo uyize, nekhaya limukelwe, lishiyiwe njengehlane; ithole liyakuklaba khona, libuthise khona, lidle, liqede amahlamvu awo.
11 Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa, kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo, ngokuba bangabantu abangenakuqonda; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.
12 Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe, nibuthwe abanye ngabanye nina bantwana bakwa-Israyeli.
13 Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu, kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.