Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 3

Ngokuba bheka, iNkosi uJehova Sebawoti iyasusa eJerusalema nakwaJuda uzime nodondolo, lonke uzime lwesinkwa nalo lonke uzime lwamanzi:
2 amaqhawe namadoda empi, abahluleli nabaprofethi, ababhuli namalunga,
3 izinduna zamashumi ayisihlanu nabantu abanodumo, abeluleki nezingcweti ezihlakaniphileyo, nabanolwazi lokulumba.
4 Ngiyakubanika abafana babe yizikhulu zabo, nezingane ziyakubabusa.
5 Abantu bayakucindezelana, kube yilowo nalowo, yebo, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe; abantwana bayakubhensela abadala, nabadelelekileyo abanodumo.
6 Lapho umuntu eyakubamba umfowabo endlini kayise ethi: “Wena unengubo, yiba ngumbusi wethu, le ncithakalo ibe phansi kwesandla sakho,”
7 ngalona lolo suku uyakudazuluka athi: “Angiyikuba ngumelaphi, ngokuba endlini yami akukho sinkwa, akukho ngubo; ningangibeki umbusi wabantu.”
8 Ngokuba iJerusalema likhubekile, noJuda uwile, lokhu izilimi zabo nezenzo zabo ziphambene noJehova ukucunula amehlo enkazimulo yakhe.
9 Ukukhetha kwabo ubuso kuyafakaza ngabo; benza izono zabo obala njengeSodoma, abazifihli. Maye kuyo imiphefumulo yabo! Ngokuba bazenzele okubi.
10 Yishoni kolungileyo ukuthi kuyakuba kuhle kuye, ngokuba bayakudla izithelo zezenzo zabo.
11 Maye komubi! Kuyakuba kubi kuye, ngokuba uyakubuyiselwa izenzo zezandla zakhe.
12 Abantu bami-ke izingane ziyabacindezela, nabesifazane bayababusa. O bantu bami, abaniholayo bayanidukisa; bachitha indlela yemikhondo yakho.
13 UJehova usesukumile ukuyokulwa, umi ukuthetha amacala ezizwe.
14 UJehova uyakungena ekwahluleleni namalunga abantu bakhe nezikhulu zabo ngokuthi: “Yinina eniqedile isivini, impango yabampofu isezindlini zenu.
15 Nichobozeleni abantu bami, nigaye ubuso babampofu, na?” isho iNkosi uJehova Sebawoti.
16 Wathi futhi uJehova: “Ngenxa yokuba amadodakazi aseSiyoni eziphakamisa, ehamba elula izintamo, eqhikiza amehlo, ehamba ecokama ekuhambeni kwawo, ekhenceza ngezinyawo zawo,
17 ngalokho iNkosi iyakuzenza izimpandla izinkakhayi zamadodakazi aseSiyoni, uJehova awanqunise.”
18 Ngalolo suku iNkosi iyakususa imihlobiso yawo: izigqizo, nemiqhele, nezimbedu ezinjengenyanga,
19 neziqhaza, namasongo, nezimvakazi,
20 nezigqoko, nemihlobiso yemilenze, nezibhamba, nemifuma, neziqu,
21 nezindandatho, namacici ekhala,
22 nezambatho zemikhosi, nezangaphezulu, namatshali, nezinqalathi,
23 nezibuko, nelineni elicolekileyo, nemishuqulo, nezilembu.
24 Kuyakuthi esikhundleni samakha kube ngukubola, nasesikhundleni sebhande igoda, nasesikhundleni sezinwele ezilungisiweyo impandla, nasesikhundleni sesidiya isibhamba sendwangu yamasaka, nasesikhundleni sobuhle isishada.
25 Amadoda akho ayakuwa ngenkemba namaqhawe akho ngokulwa.
26 Amasango alo ayakukhala, alile; liyakuba yize, lihlale emhlabathini.