Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 15

Isiprofetho ngoMowabi. Impela ebusuku bunye i-Ari Mowabi linqotshiwe, lichithekile; impela ebusuku bunye iKhiri Mowabi linqotshiwe, lichithekile.
2 Bayakhuphukela ethempelini; iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba; onke amakhanda ayizimpandlana, zonke izilevu ziphuculiwe.
3 Ezitaladini zabo bayabhinca indwangu yamasaka, nasophahleni lwabo nasezigcawini zabo bayaklewula bonke, bamululeka izinyembezi.
4 IHeshiboni liyadazuluka kanye ne-Elehale; izwi labo lizwakala kuze kube naseJahasi; ngalokho amabutho akwaMowabi ayakhamuluka, umphefumulo wakhe uyathuthumela phakathi kwakhe.
5 Inhliziyo yami ikhalela uMowabi; ababalekileyo bakhe bayabalekela eSora, nase Egila Shelishiya; yebo, nasegqumeni laseLuhithe bakhuphukela bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi, bephakamisa izwi lokudazuluka.
6 Ngokuba amanzi aseNimrimi ayincithakalo, notshani buyoma, uhlaza luyaphela, akusekho okuluhlaza.
7 Ngalokho okuseleyo abakutholileyo, nemfuyo yabo, bakuwelisa uMfula Weminyezane.
8 Ngokuba ukukhala kuzungeze imikhawulo yakwaMowabi, nokuklewula kwakhe kuze kube se-Egelayimi, nokububula kwakhe kuze kube seBeri Elimi.
9 Ngokuba amanzi aseDimoni agcwele igazi; yebo, ngiyakwehlisela iDimoni nokunye: ingonyama phezu kwabasindileyo bakwaMowabi, insali yezwe.