Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 33

Wo kuwena ochithayo, kungachithwanga wena, nakuwe okhohlisayo, kungakhohliswanga wena! Lapho uqede ukuchitha uyakuchithwa, nalapho usugcine ukukhohlisa, uyakukhohliswa nawe.
2 Jehova, yiba nomusa kithi, sihlalela wena. Yiba yingalo yethu ekuseni njalo, nokusindiswa kwethu ngesikhathi sokuhlupheka.
3 Ngezwi lokuhlokoma abantu bayabaleka; ngokuphakama kwakho izizwe ziyahlakazeka.
4 Impango iyakubuthwa njengokubutha kwecimbi, nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa.
5 UJehova uphakeme, ngokuba uhlala phezulu; uligcwalisile iSiyoni ngokwahlulela nangokulunga.
6 Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho, ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.
7 Bheka, amaqhawe abo akhala ngaphandle; izithunywa zokuthula zikhala ngomunyu.
8 Imigwaqo iyize, izihambi seziphelile; isivumelwano saphuliwe; imizi ideleliwe; umuntu akanakekelewa.
9 Izwe liyalila, lidangele; iLebanoni linamahloni, liyabuna; iSharoni linjengehlane, iBashani neKarmeli kuyavuthulukisa.
10 “Sengiyakuvuka,” usho uJehova; “sengiyakuphakama; sengiyakuphakanyiswa.
11 Niyakukhulelwa yizikhotha ezomileyo, nizale amabibi; ukuphefumula kwenu kungumlilo oniqothulayo.
12 Abantu bayakushiswa njengokushiswa komcako, njengameva anqunyiweyo ashiswa ngomlilo.”
13 Yizwani nina enikude engikwenzileyo; nani eniseduze, vumani amandla ami.
14 Izoni zaseSiyoni ziyesaba, ukuthuthumela kubambile abangenaNkulunkulu. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo; ngubani phakathi kwethu ongahlala nokunkewuzela okuphakade na?”
15 Yena ohamba ngokulunga, okhuluma ngobuqotho, odelela inzuzo yokucindezela, othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo, ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa ngegazi, ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi,
16 yena uyakuhlala ekuphakameni, izinqaba zamadwala zibe yisivikelo sakhe, aphiwe isinkwa sakhe, amanzi akhe athembeke.
17 Amehlo akho ayakuyibona inkosi ebuhleni bayo, ayakubona izwe elelulekele kude.
18 Inhliziyo yakho iyakucabanga ngovalo, ithi: “Uphi umbhali, uphi olinganisile intela, uphi obalile imibhoshongo na?”
19 Awuyikubona abantu abanobudlova, abantu abanokukhuluma okujulileyo ongenakukuzwa, nabalulimi lwabo olukwitizayo kungekho ongaluqonda.
20 Kepha bheka iSiyoni, umuzi wemikhosi yethu; amehlo akho mawabuke iJerusalema, indlu yokuthula, itende elingayikususwa, elizikhonkwane zalo aziyikusishulwa nanini, nelizintambo zalo aziyikugqashulwa neyodwa.
21 Kunalokho uJehova uyakuba nathi khona ebukhosini esikhundleni semifula nemifudlana ebanzi, lapho kungayikuhamba khona izikebhe ezinamaphini, nomkhumbi omkhulu ungadluli kuyo.
22 Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu; uyakusisindisa.
23 Izintambo zakho ziyaxega, azinakusiqinisa isiqu sensika yabo, azinakumeneka useyili; khona iyakwabelwa impango enkulu ephangiweyo; nezinyonga ziyakuthatha impango.
24 Abakhe khona abayikusho ukuthi: “Ngiyagula,” abantu abahlala khona bayakuthethelelwa ububi babo.