Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 62

Ngenxa yeSiyoni angiyikuthula, nangenxa yeJerusalema angiyikuphumula, ukulunga kwalo kungakaphumi njengokukhanya nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.
2 Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho, namakhosi onke inkazimulo yakho; uyakubizwa ngegama elisha eliyakunqunywa ngumlomo kaJehova.
3 Uyakuba ngumqhele wodumo esandleni sikaJehova, neqhele lobukhosi esandleni sikaNkulunkulu wakho.
4 Awusayikuthiwa Oshiyiweyo, nezwe lakini alisayikuthiwa iNcithakalo, kepha uyakubizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo, ngokuba uJehova uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.
5 Ngokuba njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe; nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.
6 Ngimisile abalindi phezu kwezingange zakho, Jerusalema; abayikuthula nakanye imini nobusuku; nina eningabakhumbuzi ngoJehova maningaphumuli,
7 futhi ningamniki ukuphumula, aze akhe iJerusalema, alibeke libe yindumiso emhlabeni.
8 UJehova ufungile ngesandla sakhe sokunene nangengalo yamandla akhe, wathi: “Impela angisayikuzinika izitha zakho amabele akho abe ngukudla kwazo; abezizwe abayikuliphuza iwayini lakho olikhandlekeleyo,
9 kodwa abawaqoqileyo bayakuwadla, bamdumise uJehova, nabaliqoqileyo bayakuliphuza emagcekeni endlu yami engcwele.”
10 Phumani, niphume ngamasango, niyilungise indlela yabantu; hlelani, niwuhlele umendo, niwakhiphe amatshe; niphakamisele izizwe ibhanela.
11 Bhekani, uJehova uyezwakala kuze kube sekugcineni komhlaba, ethi: “Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi: ‘Bheka, insindiso yakho iyeza. Bheka, umvuzo wakhe unawo, nenkokhelo yakhe iphambi kobuso bakhe.’ ”
12 Bayakubizwa ngokuthi abantu abangcwele, abahlengiweyo bakaJehova; wena uyakuthiwa Ofuniweyo, uMuzi Ongashiyiwe.