Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 26

Ngalolo suku lesi sihlabelelo siyakuhlatshelelwa ezweni lakwaJuda sokuthi: Umuzi onamandla sinawo; uyasimisela insindiso ibe yizingange nezindonga.
2 Vulani amasango ukuba isizwe esilungileyo esigcina iqiniso singene.
3 Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo, ngokuba yethemba kuwe.
4 Thembani kuJehova kuze kube phakade, ngokuba uJehova, yebo, uJehova uyidwala elingunaphakade.
5 Ngokuba uthobisile ababehlezi phezulu, umuzi ophakemeyo; uyawubhidliza, uyawubhidliza kuze kube semhlabathini, awusondeze nasothulini.
6 Unyawo luyakuwunyathela phansi, izinyawo zabaswelayo, izinyathelo zabampofu.
7 Indlela yabalungileyo iqondile, umkhondo wabaqotho ulungile, uyawenza ukuba ulingane.
8 Yebo, ezindleleni zezahlulelo zakho, Jehova, sikuhlalele. Umphefumulo uyalangazelela igama lakho nesikhumbuzo sakho.
9 Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku, yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa, ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni, abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.
10 Uma omubi ephiwa umusa, akafundi ukulunga; ezweni lobuqotho uyakwenza ukonakala, angaboni ukuphakama kukaJehova.
11 Jehova, isandla sakho siphakeme, kepha kababoni; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.
12 Jehova, uyakusimisela ukuthula; ngokuba nayo yonke imisebenzi yethu senzelwe yona nguwe.
13 Jehova Nkulunkulu wethu, amanye amakhosi angaphandle kwakho asibusile, kepha kuwena wedwa siyadumisa igama lakho.
14 Abafileyo ababuyi baphile, izithunzi azibuyi zivuke; ngalokho wabahambela, wabachitha, wenza ukuba konke ukukhunjulwa kwabo kuphele.
15 Wandisa isizwe, Jehova, wandisa isizwe, wadunyiswa, wavula yonke imikhawulo yezwe.
16 Jehova, besekuhluphekeni bakuhambela, bazethula ngemikhuleko lapho belaywa nguwe.
17 Njengokhulelweyo osondela ukuba abelethe ezwiswa ubuhlungu, saba njalo phambi kobuso bakho, Jehova.
18 Sasikhulelwe, sasinobuhlungu, sabeletha kungathi umoya nje; asenzanga insindiso emhlabeni, nabayakwakha ezweni abasazalwa.
19 Kepha abafileyo bakho bayakubuye baphile, izidumbu zabo zivuke. Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini, ngokuba amazolo akho angamazolo okukhanya, nomhlaba uyakubakhipha abafileyo.
20 Wozani, bantu bami, ningene emakamelweni enu, nizivalele iminyango, nicashe ngokuphazima kweso, kuze kudlule ulaka.
21 Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni; umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo, ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.