Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 42

“Bheka inceku yami engiyisekelayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; nginikele umoya wami phezu kwakhe, uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.
2 Akayikukhala, adazuluke, angezwakalisi izwi lakhe ezitaladini.
3 Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula, umongo othunqayo akayikuwucima; uyakukhipha ukwahlulela ngeqiniso.
4 Akayikudangala, aphele amandla, aze amise ukwahlulela emhlabeni; neziqhingi ziyakuhlalela umthetho wakhe.”
5 Usho kanje uNkulunkulu uJehova owadala izulu, waleneka, nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo, nowanika abantu abakuwo ukuphefumula nomoya kwabahamba kuwo, uthi:
6 “Mina Jehova ngikubizile ngokulunga, ngiyakubamba isandla sakho, ngikugcine, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu nokukhanya kwabezizwe,
7 ukuze uvule amehlo ezimpumputhe, ukhiphe iziboshwa etilongweni nabahlezi ebumnyameni etilongweni.
8 “NginguJehova; yilo igama lami; angiyikunika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.
9 Izinto zakuqala zifikile, sengimemezela izinto ezintsha; zingakaqhamuki, ngiyanizwisa zona.”
10 Mhubeleni uJehova ihubo elisha, nodumo lwakhe, kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela elwandle nakho konke okukulo, nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.
11 Ihlane nemizi yalo makujabule nemizana abakhileyo kuyo abakwaKedari, bahube abakhile emadwaleni, benanele beseziqongweni zezintaba.
12 Mabanike uJehova udumo, bamemezele udumo lwakhe eziqhingini.
13 UJehova uyaphuma njengeqhawe; njengendoda yempi uyavusa ukushisekela kwakhe; uyakhala, yebo, uyabangalasa, enze ubuqhawe phezu kwezitha zakhe.
14 “Sekuyisikhathi eside ngithulile, ngathula ngazibamba; sengiyakukhala njengobelethayo, ngiphefuzele, ngibitoze kanyekanye.
15 Ngiyakwenza ize izintaba namagquma, ngomise yonke imifino yawo, ngenze imifula ibe yiziqhingi, ngenze amachibi ukuba ashe.
16 Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo; emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola; ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe; ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.
17 Bayakubuyiselwa emuva, bajabhe nokujabha labo abethemba ezithombeni ezibaziweyo, abasho ezithombeni ezibunjiweyo ukuthi: ‘Ningonkulunkulu bethu.’
18 “Yizwani nina zithulu; bhekani nina zimpumputhe, ukuze nibone.
19 Ngubani oyimpumputhe ngaphandle kwenceku yami, nesithulu njengesithunywa sami engisithumayo, na? Ngubani oyimpumputhe njengopheleleyo, oyimpumputhe njengenceku kaJehova, na?
20 Ubona izinto eziningi, kepha awuqapheli; izindlebe zakhe zivulekile, kepha akezwa.”
21 Kwaba kuhle kuJehova ngenxa yokulunga kwakhe ukuba akhulise umthetho, awudumise.
22 Kepha laba bangabantu abaphangiweyo nabamukiweyo; bonke bacushiwe emigodini, bafihliwe ematilongweni; bangabokuphangwa, akakho obophulayo, yebo, bayimpango, kungekho oshoyo ukuthi: “Buyisa.”
23 Ngubani phakathi kwenu obeka indlebe kulokhu, aqaphele, ezwele isikhathi esizayo, na?
24 Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe, no-Israyeli kubo abaphangi, na? Angithi nguJehova, esonile kuye, nabangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe, nabangawulalelanga umthetho wakhe?
25 Wayesethela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe, namandla empi; kwamvuthela nxazonke, kepha akakwazanga; kwamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni yakhe.