Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 7

Kwathi ezinsukwini zika-Ahazi indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uResini inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphukela eJerusalema ukulwa nalo, kepha babengenakulinqoba.
2 Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi: “I-Aramu limise kwa-Efrayimi.” Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.
3 Kepha uJehova wathi ku-Isaya: “Mawuphume ukuhlangabeza u-Ahazi, wena noSheyari Jashubi indodana yakho, ngasekugcineni komsele wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi,
4 usho kuye ukuthi: ‘Xwaya, uthule; ungesabi, nenhliziyo yakho mayingadangali ngemisila emibili yalezi zikhuni ezithunqayo, ngokuvutha kolaka lukaResini ne-Aramu nolwendodana kaRemaliya.
5 Ngokuba i-Aramu no-Efrayimi nendodana kaRemaliya bacebile okubi ngawe, bathi:
6 “Masikhuphukele kwelakwaJuda, silikhathaze, sizinqobele lona, sibeke inkosi phakathi kwalo, indodana kaThabeyeli,”
7 ngalokho isho iNkosi uNkulunkulu, ithi: “ ‘Akuyikuma, futhi akuyikwenzeka.
8 Ngokuba inhloko yase-Aramu iyiDamaseku, nenhloko yeDamaseku inguResini; phakathi kweminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu u-Efrayimi uyakwaphulwa angabe esaba yisizwe.
9 Inhloko yakwa-Efrayimi iyiSamariya, inhloko yeSamariya iyindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, impela aniyikuma.’ ”
10 UJehova waqhubeka ukukhuluma ku-Ahazi, wathi:
11 “Zicelele isibonakaliso kuJehova uNkulunkulu wakho, kujule endaweni yabafileyo, noma kuphakame phezulu.”
12 Kepha u-Ahazi wathi: “Angiyikucela, futhi angiyikumlinga uJehova.”
13 Wayesethi: “Ake uzwe wena ndlu kaDavide! Kuncane kuwe ukukhathaza abantu, ukuze nimkhathaze noNkulunkulu wami futhi na?
14 Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.
15 Uyakudla amangqanga nezinyosi aze azi ukwala okubi, akhethe okuhle.
16 Ngokuba umntwana engakazi ukwala okubi nokukhetha okuhle, izwe okhathazwa ngamakhosi omabili alo liyakushiywa.
17 UJehova uyakuletha phezu kwakho, naphezu kwabantu bakho, naphezu kwendlu kayihlo izinsuku ezingafikanga kusukela osukwini u-Efrayimi asuka ngalo kwaJuda — yinkosi yase-Asiriya.”
18 Kuyakuthi ngalolo suku uJehova ahlabele ikhwelo izimpukane ezingasekugcineni kwemifula yaseGibithe nezinyosi ezisezweni lase-Asiriya.
19 Ziyakufika, ziphumule zonke ezigodini ezineziwa, nasemifantwini yamadwala, nasemahlanzeni onke, nasemadlelweni onke.
20 Ngalolo suku iNkosi iyakuphucula ngensingo eqashiweyo ngaphesheya koMfula yinkosi yase-Asiriya ikhanda noboya bezinyawo, futhi iyakuqeda nesilevu.
21 Kuyakuthi ngalolo suku indoda yondle isithole nezimvu ezimbili,
22 bese kuthi ngobuningi bobisi ezilwehlisayo idle amangqanga, ngokuba amangqanga nezinyosi bayakukudla bonke abasele ezweni.
23 Kuyakuthi ngalolo suku yonke indawo lapho kukhona imivini eyinkulungwane, elingene nezinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva, ibe ngeyamakhakhasi nameva.
24 Kuyakuyiwa khona nemicibisholo nomnsalo, ngokuba izwe lonke liyakuba ngamakhakhasi nameva.
25 Ezintabeni zonke ezilinywa ngegeja akuyikuyiwa khona ngokwesaba amakhakhasi nameva, kepha ziyakuba ngezokuqhubela izinkabi nezokunyathela kwezimvu.