Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 7

“Umuntu akasempini yini emhlabeni, imihla yakhe ayinjengemihla yomqashwa na?
2 Njengenceku ekhefuzelela ithunzi, nanjengomqashwa obheka umvuzo wakhe,
3 kanjalo ngithole ifa lezinyanga zokubi; ngimiselwe ubusuku bezinhlupheko.
4 Lapho ngilala phansi, ngisho ngithi: ‘Ngingavuka nini,’ ngokuba ubusuku bude; ngigcwele ukubinyabinyeka kuze kuse.
5 Inyama yami yembesiwe izimpethu namagade othuli; isikhumba sami siyaphola, sibuye sibhicike.
6 “Imihla yami iyashesha kunesaluko, iphela ingenathemba.
7 Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya; iso lami aliyikubuye libone okuhle.
8 Iso longibonayo alisayikungibuka; amehlo akho esekimi, angisekho.
9 Ifu liphela lihamba; kanjalo owehlele endaweni yabafileyo akasayikukhuphuka.
10 Kasayikubuyela endlini yakhe; indawo yakhe ayisayikumazi.
11 “Ngalokho nami angiyikubamba umlomo wami; ngiyakukhuluma osizini lomoya wami, ngikhale ngomunyu womphefumulo wami.
12 Ngilulwandle yini, ngingumkhomo yini, ukuze ungibekele abalindi?
13 Lapho ngithi umbhede wami uyakungiduduza, ukhukho lwami lungithwalise ukukhala kwami,
14 uyangesabisa ngamaphupho, ungethusa ngemibono,
15 ukuze umphefumulo wami ukhethe ukuklinywa nokufa kunalawa mathambo ami.
16 Ngiyanengwa yiwo; mangingahlali njalo; ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize.
17 Uyini umuntu ukuba umkhulise, nokuba ubeke inhliziyo yakho kuye,
18 nokuba umhambele ekuseni njalo, umhlole njalonjalo, na?
19 Koze kube nini uyeka ukungibheka na? Ngiyeke, ngize ngiminze amathe ami.
20 Noma ngonile, ngenzeni kuwe mlindi wabantu na? Ungimiseleni ngibe yisigcibisholo sakho, ngize ngibe ngumthwalo nakimi, na?
21 Awuthetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami, na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini; uyakungifunisisa, kepha angiyikubakho.”