Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 42

UJobe wayesemphendula uJehova, wathi:
2 “Ngiyazi ukuthi ungenza konke; alinakuvinjwa icebo lakho.
3 Ngubani ositheza iziluleko engenakwazi na? Ngikhulumile lokho ngingakuqondanga, izimangaliso ezinkulu kunami ebengingazazi.
4 “Ake ungizwe, kukhulume mina; ngiyakukubuza, wena ungazise.
5 Ngangizwile ngawe ngokuzwa kwezindlebe, kepha manje iso lami liyakubona.
6 Ngalokho ngiyazinenga, ngizisole othulini nasemlotheni.”
7 Kwathi lapho uJehova esekhulumile lawo mazwi kuJobe, uJehova wathi ku-Elifazi umThemani: “Intukuthelo yami iyavuthela wena nabangane bakho ababili, ngokuba anikhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.
8 Ngalokho zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe, nizinikelele ngazo zibe ngumnikelo wokushiswa; uJobe inceku yami uyakunikhulekela, ngokuba uma ngivuma ubuso bakhe, angiyikwenza kini njengobuwula benu, lokhu ningakhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.”
9 Base behamba u-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama, benza njengokukhuluma kukaJehova kubo; uJehova wavuma-ke ubuso bukaJobe.
10 UJehova wambuyisa uJobe ekuhluphekeni, lapho ekhulekela abangane bakhe; wenezela kukho konke uJobe ayenakho ngokukuphinda kabili.
11 Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ababazana naye ngaphambili, badla endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uJehova amehlisele khona, yilowo nalowo wamnika uhlamvu lwemali necici legolide.
12 Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.
13 Wayenamadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu.
14 Wabiza igama leyokuqala ngokuthi uJemima, negama leyesibili ngokuthi uKesiya, negama leyesithathu ngokuthi uKereni Haphuki.
15 Ezweni lonke akufunyanwanga abesifazane abahle njengamadodakazi kaJobe; uyise wabanika ifa phakathi kwabanewabo.
16 Emva kwalokho uJobe wayesekhona iminyaka eyikhulu namashumi amane, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe kwaze kwaba yizizukulwane ezine.
17 Wafa-ke uJobe esemdala, esanelisiwe yizinsuku.