Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 27

UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi:
2 “Kuphila kukaNkulunkulu osusile ukwahlulelwa kwami, noSomandla owenze munyu umphefumulo wami,
3 kusekhona ukuphefumula kimi, nomoya kaNkulunkulu usemakhaleni ami,
4 izindebe zami aziyikukhuluma okubi, nolimi lwami aluyikukhipha inkohliso.
5 Makube kude nami ukuba nginivumele; angiyikuzaphuca ukuphelela kwami ngize ngife.
6 Ngibambelela ekulungeni kwami, angikuyeki; inhliziyo yami ayisoli nowodwa wemihla yami.
7 “Isitha sami masibe njengomubi, nongisukelayo njengowonileyo.
8 Liyini ithemba longenaNkulunkulu, nxa enqunywa, lapho uNkulunkulu esusa umphefumulo wakhe, na?
9 UNkulunkulu uyakuzwa ukukhala kwakhe, lapho ehlelwa lusizi, na?
10 Uyakuthokoza ngoSomandla, ambize uNkulunkulu ngezikhathi zonke, na?
11 “Ngiyakunifundisa ngesandla sikaNkulunkulu; okukuSomandla angiyikukufihla.
12 Bhekani, nina nonke nikubonile; kungani ukuba nizenze ize na?
13 “Lokhu kuyisabelo somuntu omubi kuNkulunkulu, nefa lezidlwangudlwangu ezilamukela kuSomandla.
14 Uma abantwana bakhe banda, bandela inkemba; inzalo yakhe ayiyikusutha ngokudla.
15 Abasele kuye bayakumbelwa ekufeni, abafelokazi babo bangalili.
16 Noma enqwabela isiliva njengothuli, alungise izambatho njengodaka,
17 makakulungise, kepha kuyakwembathwa ngolungileyo, ongenacala abele isiliva.
18 Uyakha indlu yakhe njengenundu, ibe njengedlangala elakhiwa ngumlindi.
19 Uyalala enothile, angakuphindi kodwa; uyavula amehlo akhe, abe engasekho.
20 Ingebhe iyamehlela njengamanzi; isivunguvungu siyamphephula ebusuku.
21 Umoya wasempumalanga uyamthatha, amuke; uyambhengula endaweni yakhe.
22 Uyacibishelwa engahawukelwa; uyabaleka nokubaleka esandleni sakhe.
23 Abantu bayakumshayela ihlombe, bamncimfele ukuba asuke endaweni yakhe.