Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 25

Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:
2 “Ukubusa nokwesabeka kukuye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.
3 Ukhona yini ongabala izimpi zakhe, nokukhanya kwakhe akuphumeli bani na?
4 Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?
5 Bheka, nenyanga ayinankazimulo, nezinkanyezi azihlambulukile emehlweni akhe.
6 Pho, kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu, nendodana yomuntu eyisibungu, na?”