Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 33

“Kepha manje, Jobe mawuzwe amazwi ami,
2 Bheka-ke, sengivula umlomo wami; ulimi lwami lukhuluma emlonyeni wami.
3 Amazwi ami avela enhliziyweni yami eqotho; okwaziwa yizindebe zami ziyakukhuluma ngesiminya.
4 Umoya kaNkulunkulu ungenzile, nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.
5 Uma ukwazi, ngiphendule; zihlele phambi kwami, ume.
6 Bheka, nginjengawe maqondana noNkulunkulu: ngibunjiwe nami ngebumba.
7 Bheka, ingebhe ngami ayiyikukugebhezisa, nesandla sami esiphezu kwakho asiyikukusinda.
8 “Impela wakhuluma ezindlebeni zami, ngezwa izwi lokukhuluma kwakho ukuthi:
9 Ngimsulwa, anginasiphambeko; ngimhlophe, akukho okubi kimi.
10 Bheka, uthola amathuba ngami, ungishaya isitha sakhe.
11 Ufaka izinyawo zami ezingongolweni, aqaphele zonke izindlela zami.
12 “Bheka, ngiyakuphendula ukuthi awuthethanga kahle lokho, ngokuba uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.
13 Umphikiselani ngokuthi: Akaphenduli nelilodwa lamazwi ami.
14 Ngokuba uNkulunkulu ukhuluma kanye, yebo, nakabili, umuntu engakunaki.
15 Ephusheni nasembonweni wasebusuku, lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima, bozela emacansini,
16 khona uyavula izindlebe zabantu, abeke uphawu ekufundisweni kwabo,
17 ukuze aphambukise umuntu ekwenzeni kwakhe, anqume ukuzidla kumuntu;
18 unqanda umphefumulo wakhe ekubhujisweni, nokuphila kwakhe ukuba kungachithwa ngomkhonto.
19 Uyajeziswa ngobuhlungu nasecansini lakhe, nangokulwa okungapheliyo emathanjeni akhe.
20 Inhliziyo iyanengwa ngukudla, nomphefumulo wakhe uzonda ukudla okade ukufisa.
21 Inyama yakhe iyadliwa, ingabe isabonwa; amathambo akhe akade engabonakali aseqhamukile.
22 Umphefumulo wakhe uyasondela egodini, nokuphila kwakhe kubabulali.
23 “Uma kukhona ingelosi kuye, nehumusha noma yiliphi enkulungwaneni lokuba litshele umuntu okumlungeleyo,
24 uNkulunkulu abeseba nomusa kuye, athi: ‘Mkhulule ukuba angehleli egodini, sengitholile ihlawulo,’
25 inyama yakhe ibe ntsha kuneyomntwana, abuyele emihleni yobusha bakhe,
26 khona uyakunxusa uNkulunkulu ukuba abe nomusa kuye, abone ubuso bakhe ngokujabula, abesebuyisela kumuntu ukulunga kwakhe.
27 Usehlabelela phambi kwabantu, uthi: ‘Ngonile, ngahlanekezela ukulunga, kepha akwenziwanga kimi njengokufaneleyo:
28 uhlengile umphefumulo wami ukuba ungadluleli egodini; ngiyakubona ukukhanya ngiphila.’
29 “Bhekani, konke lokhu uNkulunkulu uyakwenza kabili, yebo, kathathu kumuntu
30 ukuba abuyise umphefumulo wakhe egodini, akhanyiselwe ngokukhanya kwabaphilayo.
31 Yizwa, Jobe, ungilalele; thula, mina ngizakukhuluma.
32 Uma unamazwi, ngiphendule; khuluma, ngokuba ngifisa ukukuthethelela.
33 Uma ungenawo, ngilalele wena; thula, ngiyakukufundisa ukuhlakanipha.”