Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 21

Wayesephendula uJobe, wathi:
2 “Yizwani nokuzwa amazwi ami; lokhu makube yinduduzo evela kini.
3 Ngivumeleni ukuba nami ngikhulume; nalapho sengikhulumile, klolodani.
4 “Mina-ke, ukukhala kwami kungomuntu na? Ngingekhathazeke na?
5 Ngibukeni, nimangale, nibeke izandla emilonyeni yenu.
6 Lapho ngikhumbula nje, ngishaywa luvalo; ukwesaba kubamba inyama yami.
7 Ababi baphilelani, baze babe badala, yebo, bakhule emandleni, na?
8 Inzalo yabo iyema phambi kwabo kanye nabo, nabantwana babo phambi kwamehlo abo.
9 Izindlu zabo zinokuthula, azinangebhe; uswazi lukaNkulunkulu aluphezu kwabo.
10 Inkunzi yabo iyakhwela, kayiphuthi; inkomo yabo iyazala, kayiphunzi.
11 Bakhipha izingane zabo njengomhlambi; abantwana babo bayagida.
12 Bahlabelela ngesigubhu nangehabhu, bathokoza ngezwi lomtshingo.
13 Baqeda imihla yabo ngokuhle, behlela endaweni yabafileyo ngokuthula.
14 Nokho bathi kuNkulunkulu: ‘Suka kithi, asifuni ukwazi izindlela zakho.
15 USomandla uyini ukuba simkhonze na? Siyakuzuzani, uma sikhuleka kuye, na?’
16 Bhekani, inhlanhla yabo ayisesandleni sabo; icebo lababi malibe kude nami.
17 “Kukangaki isibani sababi sicimeka, nengozi ibehlela, babelwe izabelo ngentukuthelo, na?
18 Babeyakuba njengezibi phambi komoya, nanjengamakhoba aphephethwa yisiphepho.
19 UNkulunkulu ubekela abantwana babo ububi babo; yebo, kodwa makabuphindisele kubo uqobo ukuba babazi.
20 Awabo amehlo mawabone ukuchithwa kwabo, bona baphuze ukufutheka kukaSomandla.
21 Banokujabula kuni endlini yabo emva kwabo, lapho umumo wezinyanga zabo usunqunyiwe, na?
22 UNkulunkulu uyakufundiswa ukwazi, yena owahlulela abaphakemeyo, na?
23 “Omunye ufa esemi kahle kukho konke, ezinzile, enokuthula.
24 Izinhlangothi zakhe zigcwele amafutha; umnkantsha wamathambo akhe umanzi.
25 Omunye ufa enomphefumulo onomunyu, engazange adle okuhle.
26 Balala phansi othulini kanyekanye; izimpethu ziyabasibekela.
27 Bhekani, ngiyazi imicabango yenu, namacebo enu eniyakungona ngawo.
28 Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu, liphi itende lokuhlala kwababi, na?’
29 Anibuzanga abadlula endleleni, nibazi ubufakazi babo
30 bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujiswa nokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?
31 Ngubani oyakumtshela indlela yakhe ebusweni bakhe? Ngubani oyakumphindisela ngalokho akwenzileyo na?
32 Uyayiswa ethuneni, kulindwe elibeni.
33 Amagabade asesigodini ayakuba mnandi kuye; bonke abantu bayakudonswa emva kwakhe, njengokuba bengenakubalwa nababe phambi kwakhe.
34 “Pho, ningiduduzelani ngeze, lokhu ezimpendulweni zenu kusele inkohliso nje, na?”