Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 32

Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe.
2 Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.
3 Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu, ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe.
4 U-Elihu wayelindele ukukhuluma kuJobe, ngokuba bona babebadala kunaye.
5 Lapho u-Elihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawo madoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe.
6 U-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi, wayesethatha-ke, wathi: “Mina ngisemusha ngeminyaka, nina nibadala; ngalokho nganginamahloni, ngesaba ukunitshela umqondo wami.
7 Ngathi: ‘Makukhulume izinsuku, ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha.’
8 Nokho kukhona umoya kumuntu; ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.
9 Abakhulu abahlakaniphile, nabadala abaqondi ukwahlulela.
10 “Ngalokho ngithi: Ngizweni; nami ngiyakusho umqondo wami.
11 Bhekani, ngilindele amazwi enu, ngabeka indlebe emiqondweni yenu, nisaphenya eniyakukusho.
12 Nganilalela nina; bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJobe nowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.
13 Maningasho ukuthi: ‘Sifumene ukuhlakanipha; uNkulunkulu angamphengulula, hhayi umuntu.’
14 Akahlelelanga mina amazwi akhe; angiyikumphendula ngezinkulumo zenu.
15 “Bayakhungatheka, abasaphenduli; baphelelwa ngamazwi.
16 Ngibalindele yini, uma bengakhulumi, na? Ngokuba bemi bengasaphenduli.
17 Nami ngiyakuphendula okwami, ngitshengise nami umqondo wami.
18 Ngokuba ngigcwele amazwi; umoya phakathi kwami uyangiqhubezela.
19 Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo; kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha.
20 Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke; ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule.
21 Mangingakhethi ubuso bamuntu, ngingathophi nobani.
22 Ngokuba angikwazi ukuthopha; uma kunjalo, uMenzi wami angangisusa masinyane.