Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 34

U-Elihu wathatha wathi:
2 “Yizwani amazwi ami, nina zihlakaniphi, nibeke indlebe kimi nina zazi.
3 Ngokuba indlebe iyavivinya amazwi, njengokuba ulwanga luzwa ukudla.
4 Masizikhethele okulungileyo, sazi phakathi kwethu okuhle.
5 Ngokuba uJobe uthe: ‘Ngilungile; uNkulunkulu ususile ukwahlulelwa kwami.
6 Phezu kokwahlulelwa kwami ngishaywa onamanga; inxeba lami alinakupholiswa, noma ngingenasiphambeko.’
7 Ngumuphi umuntu onjengoJobe ophuza usulu njengamanzi,
8 ohamba ngokwazana nabenza okubi, ahambisane nabantu ababi, na?
9 Ngokuba uthi: ‘Akunalusizo kumuntu ukuba azane noNkulunkulu.’
10 “Ngalokho ngizweni nina bantu abanokuqonda; makube kude noNkulunkulu ukuba enze okubi, nakuSomandla ukuba enze ukona.
11 Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe, atholise kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe.
12 Impela uNkulunkulu akenzi okubi; uSomandla kahlanekezeli ukwahlulela.
13 Ngubani owambeka phezu komhlaba na? Ngubani owamisa izwe lonke na?
14 Uma ebeyakuzibheka yena, azibuyisele umoya wakhe nomphefumulo wakhe,
15 inyama yonke ibiyakufa kanyekanye, umuntu abuyele othulini.
16 “Uma unengqondo, yizwa lokhu, ulalele izwi lokukhuluma kwami.
17 Imbala ozonda ukwahlulela uyakubusa na? Uyakumlahla olungileyo nonamandla
18 oshoyo enkosini ukuthi: ‘Muntu omubi,’ nasezikhulwini: ‘Mashinga,’
19 ongakhethi ubuso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu, na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.
20 Bayafa ngokuphazima kweso; phakathi kwamabili abantu bayathuthumela, banyamalale; amaqhawe ayasuswa, kepha kungengasandla.
21 “Ngokuba amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu; ubona zonke izinyathelo zakhe.
22 Abukho ubumnyama, nethunzi lokufa alikho, lapho abenza okubi bengacasha khona.
23 Ngokuba akadingi ukuba abelokhu ebheka umuntu ukuba aye kuNkulunkulu ukwahlulelwa.
24 Uyaphahlaza abanamandla, kungahlolwanga, amise abanye ezikhundleni zabo.
25 Ngalokho uyazi imisebenzi yabo; uyabagumbuqela ebusuku, bachotshozwe.
26 Uyabashaya njengababi endaweni lapho bebonwa khona,
27 ngokuba bachezuka ekumlandeleni, abanakanga neyodwa yezindlela zakhe,
28 baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye, wezwa ukukhala kwabahluphekayo.
29 Lapho yena ethula, ngubani ongalahla, nalapho ethukusa ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa ngokufananayo, noma kuyisizwe noma kungumuntu,
30 ukuba kungabusi muntu ongenaNkulunkulu, abantu bacushwe.
31 “Ngokuba ukhona oke wathi kuNkulunkulu: ‘Ngithweswe icala noma ngingonanga, na?
32 Lokhu engingakuboni, ngifundise khona; uma ngenzile okubi, angisayikukuphinda.’
33 Uyakuphindisela njengokuthanda kwakho, lokhu ukwenqaba, na? Ngokuba nguwe ozakukhetha, akusimina; khuluma okwaziyo.
34 “Abantu abanokuqonda bayakusho kimi, yebo, nezihlakaniphi, lapho zingizwa, ziyakuthi:
35 ‘UJobe ukhuluma engenalwazi; amazwi akhe awanangqondo.’
36 Sengathi uJobe angavivinywa kuze kube sekupheleni, ngokuba uphendula njengabantu ababi.
37 Ngokuba uyenezela ukuhlubuka esonweni sakhe; ushaya ihlombe phakathi kwethu, andise amazwi akhe kuNkulunkulu.”