Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 12

Wayesephendula uJobe, wathi:
2 “Impela yinina eningabantu; ukuhlakanipha kuyakufa nani.
3 Kodwa nami nginengqondo njengani, angahlulwa yinina; ngubani ongazazi izinto ezinje na?
4 Ngiyisigcono somngane wami, ngowambiza uNkulunkulu, waphendula; olungileyo nongenasici uyisigcono.
5 Emcabangweni wohlezi kahle ingozi iyadeleleka; kulungiselwe abazinyawo zabo zishelela.
6 Amatende abacindezelayo anokuthula; abathukuthelisayo uNkulunkulu bayalondeka, abaletha unkulunkulu wabo ngezandla zabo.
7 Kepha mawubuze izinkomo, ziyakukufundisa, nezinyoni zezulu, ziyakukutshela.
8 Khuluma kuwo umhlaba, uyakukufundisa, nezinhlanzi zolwandle ziyakukulandisa.
9 Ngubani ongaziyo ngakho konke lokho ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokho na?
10 Esandleni sakhe ukhona umphefumulo wakho konke okuphilayo, nomoya wenyama yabantu bonke.
11 Indlebe ayivivinyi yini amazwi, njengolwanga lunambitha ukudla, na?
12 Ezimpungeni kukhona ukuhlakanipha, nasebudeni bezinsuku ukuqonda.
13 “Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla; unesu nokuqonda.
14 Bheka, uyadiliza, kungabe kusakhiwa; uyavalela umuntu, kungabe kusavulwa.
15 Bheka, uyavimba amanzi, ashe; uyawathumela agumbuqele umhlaba.
16 Kuye kukhona amandla nokusizwa; odukisiweyo nodukileyo bakuye.
17 Umukisa abaluleki bephangiwe; uyenza abahluleli babe yiziwula.
18 Uthukulula izibopho zamakhosi, awabophe ezinkalweni ngamaketanga.
19 Umukisa abapristi bephangiwe, aphenule abemiyo njalo.
20 Uyasusa ulimi lwabathembekileyo, aphuce amalunga ukuqonda.
21 Uthela izikhulu ngehlazo, akhumule imbonya yonamandla.
22 Uyambula izinto ezijulileyo ebumnyameni, akhiphele ekukhanyeni ithunzi lokufa.
23 Uyandisa izizwe, abesezibhubhisa; ukhulisa izizwe, abesezisusa.
24 Uyamuka izinhloko zezizwe ezweni ingqondo yazo, azidukise ehlane elingenandlela.
25 Ziyaphumputha ebumnyameni zingenakukhanya, uyazintengantengisa njengesidakwa.