Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 13

“Bheka, iso lami libone konke; indlebe yami ikuzwile, yakuqonda.
2 Enikwaziyo ngiyakwazi nami; angahlulwa yinina.
3 Kepha ngiyakukhuluma kuSomandla; ngifuna ukuphikisana noNkulunkulu.
4 Kepha ningabaqambimanga; niyizinyanga ezingelutho nonke.
5 Sengathi ningathula nokuthula, lokho kube ngukuhlakanipha kini.
6 Ake nizwe ukuthetha kwami, niqaphele ukuzivikela kwezindebe zami.
7 Niyakumkhulumela uNkulunkulu ngokubi, nimkhulumele ngenkohliso, na?
8 Niyakubuvuma ubuso bakhe, nimmele uNkulunkulu, na?
9 Kuhle yini, lapho eniphendla? Njengalokhu umuntu ekhohliswa niyakumkhohlisa na?
10 Uyakunisola nokunisola, uma nivuna ubuso ngasese.
11 Ubukhulu bakhe abuyikunethusa, nengebhe ngaye inehlele, na?
12 Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha; izivikelo zenu ziyizivikelo zebumba.
13 “Thulani, ningiyeke ukuba ngikhulume, kungehlele noma yini.
14 Bengiyakuyithathelani inyama yami ngamazinyo ami, ngibeke ukuphila kwami esandleni sami, na?
15 Bheka, uyakungibulala, anginathemba; nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.
16 Lokhu kuyakuba yinsindiso yami ukuthi ongenaNkulunkulu akezi phambi kwakhe.
17 Zwisisani amazwi ami, ukusho kwami kube sezindlebeni zenu.
18 Bhekani-ke, sengilungisile ukwahlulelwa kwami; ngiyazi ukuthi ngiyakuthethwa mina.
19 Ngubani oyakuphikisana nami na? Ngokuba lapho bengiyakuthula, ngigqabuke.
20 Izinto ezimbili kuphela ungazenzi kimi, ngize ngingacasheli ubuso bakho:
21 masingasondeli kimi isandla sakho, ngingethuswa yingebhe ngawe.
22 Khona mawubize, mina ngiyakuphendula, noma kukhulume mina, wena ungiphendule.
23 Iziphambeko zami nezono zami zingakanani na? Ngazise izeqo zami nezono zami.
24 Usithelani ubuso bakho, ungishaye isitha, na?
25 Uyakwethusa iqabunga eliphephethwayo, uxoshe amabibi awomileyo, na?
26 Ngokuba uloba okumunyu ngami, ungidlisa ifa lobubi bobusha bami;
27 ufaka izinyawo zami ezingongolweni, uqaphela zonke izindlela zami, uzidwebela umudwa ngasematheni ezinyawo zami,
28 noma nginyamalala njengokubolayo, njengengubo edliwe yizinundu.