1 IziKronike

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29

0:00
0:00

Isahluko 6

Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari.
2 Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli.
3 Abantwana bakwa-Amramu: ngo-Aroni, noMose, noMiriyamu. Amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.
4 U-Eleyazare wazala uFinehasi; uFinehasi wazala u-Abishuwa;
5 u-Abishuwa wazala uBuki; uBuki wazala u-Uzi;
6 u-Uzi wazala uZeraya; uZeraya wazala uMerayoti;
7 uMerayoti wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi;
8 u-Ahithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala u-Ahimahasi;
9 u-Ahimahasi wazala u-Azariya; u-Azariya wazala uJohanani;
10 uJohanani wazala u-Azariya; nguye owayengumpristi ethempelini elakhiwa nguSolomoni eJerusalema;
11 u-Azariya wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi;
12 u-Ahithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala uShalumi;
13 uShalumi wazala uHilikiya; uHilikiya wazala u-Azariya;
14 u-Azariya wazala uSeraya; uSeraya wazala uJehosadaki;
15 kepha uJehosadaki wamuka lapho uJehova ethumba uJuda neJerusalema ngesandla sikaNebukadinesari.
16 Amadodana kaLevi: ngoGereshomu, noKohati, noMerari.
17 Nanka amagama amadodana kaGereshomu: oLibini noShimeyi.
18 Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli.
19 Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi. Nansi imindeni yamaLevi njengezindlu zawoyise:
20 abakwaGereshomu: nguLibini indodana yakhe, noJahati indodana yakhe, noZima indodana yakhe,
21 noJowa indodana yakhe, no-Ido indodana yakhe, noZera indodana yakhe, noJewatherayi indodana yakhe.
22 Amadodana kaKohati: ngu-Amindaba indodana yakhe, noKora indodana yakhe, no-Asiri indodana yakhe,
23 no-Elkana indodana yakhe, no-Ebiyasafa indodana yakhe, no-Asiri indodana yakhe,
24 noTathi indodana yakhe, no-Uriyeli indodana yakhe, no-Uziya indodana yakhe, noShawule indodana yakhe.
25 Amadodana ka-Elkana: ngo-Amasayi no-Ahimoti.
26 U-Elkana-ke, amadodana ka-Elkana: nguSofayi indodana yakhe, noNahati indodana yakhe,
27 no-Eliyabe indodana yakhe, noJerohamu indodana yakhe, no-Elkana indodana yakhe.
28 Amadodana kaSamuweli: izibulo nguJoweli, nowesibili ngu-Abiya.
29 Amadodana kaMerari: ngoMaheli, noLibini indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe, no-Uza indodana yakhe,
30 noShimeya indodana yakhe, noHagiya indodana yakhe, no-Asaya indodana yakhe.
31 Nampa uDavide abamisela ukuhola ukuhlabelela endlini kaJehova, umphongolo usubekiwe khona.
32 Bakhonza ngokuhlabelela phambi kwetabernakele letende lokuhlangana, uSolomoni waze wakha indlu kaJehova eJerusalema. Bema emsebenzini wabo njengomthetho wabo.
33 Yilaba ababemi namadodana abo: kumadodana amaKohati: nguHemani, umhlabeleli, kaJoweli kaSamuweli
34 ka-Elkana kaJerohamu ka-Eliyeli kaThowa
35 kaSufi ka-Elkana kaMahati ka-Amasayi
36 ka-Elkana kaJoweli ka-Azariya kaZefaniya
37 kaThati ka-Asiri ka-Ebiyasafa kaKora
38 kaJisihari kaKohati kaLevi ka-Israyeli;
39 futhi umfowabo u-Asafa owayemi ngakwesokunene sakhe, u-Asafa kaBerekiya kaShimeya
40 kaMikayeli kaBahaseya kaNalikhiya
41 ka-Ethini kaZera ka-Adaya
42 ka-Ethani kaZima kaShimeyi
43 kaJahati kaGereshomu kaLevi.
44 Amadodana kaMerari abafowabo ayengakwesokunene: ngu-Ethani kaKishi ka-Abidi kaMaluki
45 kaHashabiya ka-Amasiya kaHilikiya
46 ka-Amisi kaBani kaShemeri
47 kaMaheli kaMushi kaMerari kaLevi.
48 Abafowabo amaLevi banikelelwa yonke inkonzo yetabernakele lendlu kaNkulunkulu.
49 Kepha u-Aroni namadodana akhe bashiya iminikelo e-altare leminikelo yokushiswa nase-altare lempepho, benza nawo wonke umsebenzi wendawo engcwelengcwele, benzela u-Israyeli ukubuyisana njengakho konke ayale ngakho uMose inceku kaNkulunkulu.
50 Nanka amadodana ka-Aroni: u-Eleyazare indodana yakhe, noFinehasi indodana yakhe, no-Abishuwa indodana yakhe,
51 noBuki indodana yakhe, no-Uzi indodana yakhe, noZeraya indodana yakhe,
52 noMerayoti indodana yakhe, no-Amariya indodana yakhe, no-Ahithubi indodana yakhe,
53 noSadoki indodana yakhe, no-Ahimahasi indodana yakhe.
54 Lezi ziyizindawo zawo zokuhlala njengamakamu awo emikhawulweni yawo: amadodana ka-Aroni emindeni yamaKohati ngokuba yiwona adliwa yinkatho yokuqala
55 wona bawanika iHebroni ezweni lakwaJuda namadlelo alizungezayo.
56 Kodwa amasimu omuzi nemizana yawo bakunika uKalebi, indodana kaJefune.
57 Banika amadodana ka-Aroni imizi yokuphephela, iHebroni neLibina namadlelo awo, neJatiri, ne-Eshitemowa namadlelo awo,
58 neHileni namadlelo alo, neDebiri namadlelo alo,
59 ne-Ashani namadlelo alo, neBetiShemeshi namadlelo alo,
60 nasesizweni sakwaBenjamini, iGeba namadlelo alo, ne-Alemeti namadlelo alo, ne-Anathoti namadlelo alo. Yonke imizi yawo ngemindeni yawo yayiyimizi eyishumi nantathu.
61 Amadodana aseleyo kaKohati anikwa ngenkatho emndenini wesizwe, enxenyeni yesizwe, inxenye kaManase, imizi eyishumi,
62 namadodana kaGereshomu ngemindeni yawo esizweni sakwa-Isakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nasesizweni sakwaManase, eBashani, imizi eyishumi nantathu,
63 namadodana kaMerari ngenkatho ngemindeni yawo esizweni sakwaRubeni, nasesizweni sakwaGadi, nasesizweni sakwaZebuloni imizi eyishumi nambili.
64 Abantwana bakwa-Israyeli banika amaLevi leyo mizi namadlelo ayo.
65 Banika ngenkatho leyo mizi ebizwe ngamagama esizweni sabantwana bakwaJuda, nasesizweni sabantwana bakwaSimeyoni, nasesizweni sabantwana bakwaBenjamini.
66 Eminye imindeni yamadodana kaKohati yayinemizi yemikhawulo yayo esizweni sakwa-Efrayimi.
67 Bayinika imizi yokuphephela: iShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi namadlelo alo, neGezeri namadlelo alo,
68 neJokimeyamu namadlelo alo, neBeti Horoni namadlelo alo,
69 ne-Ajaloni namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo,
70 nasenxenyeni yesizwe sakwaManase i-Anere namadlelo alo, neBileyamu namadlelo alo, ibe ngeyomndeni oseleyo wamadodana kaKohati.
71 Amadodana kaGereshomu anikwa emndenini wenxenye yesizwe sakwaManase iGolanu, eBashani, namadlelo alo ne-Ashitaroti namadlelo alo;
72 nasesizweni sakwa-Isakare iKedeshi namadlelo alo, neDaberati namadlelo alo,
73 neRamoti namadlelo alo, ne-Anemi namadlelo alo;
74 nasesizweni sakwa-Asheri iMashali namadlelo alo, ne-Abidoni namadlelo alo,
75 neHukoki namadlelo alo, neRehobe namadlelo alo;
76 nasesizweni sakwaNafetali iKedeshi eGalile namadlelo alo, neHamoni namadlelo alo, neKiriyatayimi namadlelo alo.
77 Aseleyo, amadodana kaMerari, anikwa esizweni sakwaZebuloni iRimono namadlelo alo neGhabori namadlelo alo,
78 naphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga kwaseJordani esizweni sakwaRubeni iBeseri ehlane namadlelo alo, neJahasa namadlelo alo,
79 neKedemoti namadlelo alo, neMefahati namadlelo alo;
80 nasesizweni sakwaGadi iRamoti kwaGileyadi namadlelo alo, neMahanayimi namadlelo alo,
81 neHeshiboni namadlelo alo, neJazeri namadlelo alo.