1 IziKronike

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29

0:00
0:00

Isahluko 16

Bawungenisa umphongolo kaNkulunkulu, bawubeka phakathi netende uDavide ayelimisele wona; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaNkulunkulu.
2 UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wababusisa abantu egameni likaJehova.
3 Wabela bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, isinkwa saba sinye, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo.
4 Wabela amaLevi athile ukukhonza phambi komphongolo kaJehova ukuba amkhumbule, ambonge, amdumise uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli:
5 ngu-Asafa inhloko nabesigaba sakhe sesibili, oZakariya, noJehiyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, noMatithiya, no-Eliyabe, noBenaya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, benezingubhu namahabhu, kanye no-Asafa ephethe amasimbali, ewabetha,
6 noBenaya noJahaziyeli abapristi, benamacilongo njalo phambi komphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.
7 Ngalolo suku uDavide wayeseqala ukuhlela ukuba uJehova abongwe ngesandla sika-Asafa nabafowabo.
8 Bongani uJehova, nibize igama lakhe, nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe.
9 Hlabelelani kuye, nimhubele, nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke.
10 Zibongeni egameni lakhe elingcwele; mazithokoze izinhliziyo zabamfuna uJehova.
11 Funani uJehova namandla akhe, nifunisise ubuso bakhe njalo.
12 Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, nezibonakaliso zakhe, nezahlulelo zomlomo wakhe,
13 nina nzalo ka-Israyeli, inceku yakhe, nina bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe.
14 Yena unguJehova uNkulunkulu wethu; izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke.
15 Khumbulani isivumelwano sakhe kuze kube phakade, izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,
16 avumelana kuso no-Abrahama, nesifungo sakhe ku-Isaka;
17 wasiqinisa kuJakobe, saba ngumthetho, naku-Israyeli, saba yisivumelwano esiphakade,
18 ethi: “Ngizakukunika izwe laseKhanani libe yisabelo sefa lakho,
19 lapho naniyingcosana ngomumo, yebo, lapho naniyingcosana, futhi naniyizihambi kulo.”
20 Bazulazula ezizweni ngezizwe, besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu.
21 Akavumelanga muntu ukubahlupha, wajezisa amakhosi ngenxa yabo,
22 ethi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami, ningoni abaprofethi bami.”
23 Hlabelelani kuJehova, mhlaba wonke, nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.
24 Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.
25 Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.
26 Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kepha uJehova walenza izulu.
27 Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe; amandla nokuthokoza kusendaweni yakhe.
28 Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu, mnikeni uJehova inkazimulo namandla.
29 Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, nize phambi kwakhe, nikhuleke kuJehova ngobuhle bobungcwele.
30 Thuthumelani ebusweni bakhe, mhlaba wonke; izwe lihlala liqinile, alinakushukunyiswa.
31 Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; makuthiwe ezizweni: UJehova uyinkosi.
32 Maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo, amasimu ename nakho konke okukuwo.
33 Khona imithi yehlathi iyakuhuba ngokujabula ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba.
34 Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
35 Thanini: “Sisindise, Nkulunkulu wokusindiswa kwethu, usibuthe, usophule kwabezizwe ukuba sidumise igama lakho elingcwele, sethabe ekukudumiseni.”
36 Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Bonke abantu bathi: “Amen,” bamdumisa uJehova.
37 Wayeseshiya khona ngaphambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova u-Asafa nabafowabo ukuba bakhonze phambi komphongolo njalo ngokomsebenzi wemihla ngemihla,
38 kanye no-Obede Edomi nabafowabo abangamashumi ayisithupha nesishiyagalombili u-Obede Edomi indodana kaJeduthuni noHosa babe ngabalindisango
39 noSadoki umpristi nabafowabo abapristi ngaphambi kwetabernakele likaJehova endaweni ephakemeyo eyayiseGibeyoni
40 ukuba banikele njalo ngeminikelo yokushiswa phezu kwe-altare lomnikelo wokushiswa ekuseni nakusihlwa njengakho konke okulotshiweyo emthethweni kaJehova ayala ngawo u-Israyeli,
41 bekanye nabo oHemani noJeduthuni nensali yabakhethiweyo abakhonjwa ngamagama ukuba bambonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
42 kwakukhona kubo, oHemani noJeduthuni, amacilongo namasimbali alabo abayakuwakhalisa, nezinto zokubethwa kuNkulunkulu; amadodana kaJeduthuni ayengasesangweni.
43 Base behamba baya, kwaba yilowo nalowo endlini yakhe; uDavide wabuya ukubusisa indlu yakhe.