1 IziKronike

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29

0:00
0:00

Isahluko 22

UDavide wathi: “Le iyindlu kaJehova uNkulunkulu, leli liyi-altare lomnikelo wokushiswa ka-Israyeli.”
2 UDavide wayala ukuba babuthe bonke abafokazi ababe sezweni lakwa-Israyeli, wabeka abakhi ukubaza amatshe axhoziweyo ukuba bakhe indlu kaNkulunkulu.
3 UDavide walungisa insimbi eningi yezipikili zezivalo zamasango nezokuhlanganisa, kanye nethusi eliningi elingenakulinganiswa,
4 nemisedari engenakubalwa, ngokuba amaSidoni nabaseTire baletha imisedari eminingi kuDavide.
5 UDavide wathi: “USolomoni indodana yami usengumfana, usathambile, nendlu eyakwakhelwa uJehova nga iba nkulu, ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni onke; ngizakuyilungisela.” Wayeseyilungisela kakhulu uDavide engakafi.
6 Wayesebiza uSolomoni indodana yakhe, wamyala ukumakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.
7 UDavide wathi kuSolomoni indodana yakhe: “Mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu.
8 Kepha izwi likaJehova lafika kimi, lathi: ‘Uchithile igazi eliningi, uphake izimpi ezinkulu; awuyikwakhela igama lami indlu, ngokuba uchithe igazi eliningi emhlabathini emehlweni ami;
9 bheka, uyakuzalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula; ngiyakumnika ukuphumula ezitheni zakhe nxazonke, ngokuba igama lakhe liyakuba nguSolomoni; ukuthula nokuzola ngiyakumnika khona u-Israyeli emihleni yakhe;
10 uyakwakhela igama lami indlu; uyakuba yindodana yami, mina ngibe nguyise; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wakhe kwa-Israyeli kuze kube phakade.’
11 “Kalokhu, ndodana yami, uJehova makabe nawe, ube nempumelelo, wakhe indlu kaJehova uNkulunkulu wakho njengokukhuluma kwakhe kuwe.
12 Kuphela, uJehova makakuphe ukuhlakanipha nokuqonda, akuyale ngo-Israyeli ukuba ugcine umthetho kaJehova uNkulunkulu wakho.
13 Khona uyakuphumelela, uma ugcina ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngazo uMose ngo-Israyeli; qina, ume isibindi; ungesabi, ungabi naluvalo.
14 “Bheka, ekuhluphekeni kwami ngilungisele indlu kaJehova amatalenta ayizinkulungwane eziyikhulu egolide, namatalenta ayizinkulungwane eziyinkulungwane esiliva, nethusi nensimbi okungenakulinganiswa, ngokuba kuningi; ngilungisile nemithi namatshe; uyakwenezela kukho.
15 Kukhona kuwe izisebenzi eziningi, ababazi, nezisebenzi zamatshe nezemithi, nabo bonke abayizingcweti emisebenzini yonke:
16 eyegolide, neyesiliva, neyethusi, neyensimbi, kungenakubalwa; suka usebenze; uJehova makabe nawe.”
17 UDavide wayala zonke izikhulu zakwa-Israyeli ukusiza uSolomoni, wathi:
18 “UJehova uNkulunkulu wenu akanani na? Akaniphanga ukuphumula nxazonke na? Ngokuba unikele esandleni sami abakhileyo ezweni; izwe linyatheliwe phambi kukaJehova naphambi kwabantu bakhe.
19 Kalokhu nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu ekufuneni uJehova uNkulunkulu wenu; sukani nakhe indlu engcwele kaJehova uNkulunkulu ukuba kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaJehova nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu endlini eyakwakhelwa igama likaJehova.”