1 IziKronike

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29

0:00
0:00

Isahluko 26

Izigaba zabalindisango zaziyilezi: kumaKorahi: nguMeshelemiya indodana kaKore emadodaneni ka-Asafa.
2 UMeshelemiya wayenamadodana: nguZakariya izibulo, noJediyayeli owesibili, noZebadiya owesithathu, noJatiniyeli owesine,
3 no-Elamu owesihlanu, noJehohanani owesithupha, no-Eliyohenayi owesikhombisa.
4 U-Obede Edomi wayenamadodana: nguShemaya izibulo, noJehozabadi owesibili, noJowa owesithathu, noSakari, owesine, noNethaneli owesihlanu,
5 no-Amiyeli owesithupha, no-Isakare owesikhombisa, noPhewuletayi owesishiyagalombili, ngokuba uNkulunkulu wambusisa.
6 Naye uShemaya indodana yakhe wazalelwa amadodana ayebusa indlu kayise, ngokuba ayengamaqhawe anamandla.
7 Amadodana kaShemaya: ngo-Othini, noRefayeli, no-Obede, no-Elizabadi, nabafowabo ababe ngamadoda anamandla, o-Elihu noSemakiya.
8 Bonke labo babe ngamadodana ka-Obede Edomi, bona namadodana abo nabafowabo, amadoda aqinileyo anamandla enkonzweni, engamashumi ayisithupha nambili ka-Obede Edomi.
9 UMeshelemiya wayenamadodana nabafowabo, amadoda anamandla, eyishumi nesishiyagalombili.
10 Naye uHosa wabantwana bakwaMerari wayenamadodana: nguShimri inhloko noma wayengesilo izibulo, uyise wambeka waba yinhloko
11 noHilikiya owesibili, noThebaliya owesithathu, noZakariya owesine; onke amadodana nabafowabo bakaHosa babe yishumi nantathu.
12 Lezo zigaba zabalindisango, izinhloko zabantu, zaba nemfanelo yazo njengabafowabo ukukhonza endlini kaJehova.
13 Benza inkatho yesango ngesango, omncane njengomkhulu, ngezindlu zawoyise.
14 Inkatho yasempumalanga yadla uShelemiya. Base benza inkatho ngoZakariya indodana yakhe, umluleki ohlakaniphileyo; wadliwa yinkatho yasenyakatho.
15 Eyaseningizimu yadla u-Obede Edomi namadodana akhe ukulinda inqolobane,
16 eyasentshonalanga oShuphimi noHosa ngasesangweni laseShaleketi, ngasemendweni owenyukayo, abalindi ngabalindi.
17 Ngasempumalanga ayekhona amaLevi ayisithupha, ngasenyakatho emane ngosuku, ngaseningizimu emane ngosuku, nasenqolobaneni emabili ngamabili.
18 EParibari ngasentshonalanga ayemane emendweni, naseParibari uqobo ayemabili.
19 Yilezo ezaziyizigaba zabalindisango emadodaneni amaKorahi nasemadodaneni kaMerari.
20 KumaLevi u-Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele.
21 Amadodana kaLadani, amadodana kaGereshoni akwaLadani, izinhloko zawoyise zakwaLadani umGereshoni, amaJehiyeli,
22 amadodana amaJehiyeli, oZethamu noJoweli umfowabo, ayephethe ingcebo endlini kaJehova.
23 Kuma-Amramu, nakumaJisihari, nakumaHebroni, nakuma-Uziyeli,
24 uShebuweli indodana kaGereshomu kaMose wayengumphathisikhwama.
25 Abafowabo: ku-Eliyezeri: nguRehabiya indodana yakhe, noJeshaya indodana yakhe, noJoramu indodana yakhe, noZikiri indodana yakhe, noShelomoti indodana yakhe.
26 Yena uShelomoti nabafowabo babephethe yonke ingcebo yezinto ezingcwele ezangcweliswa nguDavide inkosi, nezinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zempi.
27 Empini nasempangweni bakungcwelisela ukulungisa indlu kaJehova,
28 kanye nakho konke uSamuweli umboni, noSawule indodana kaKishi, no-Abineri indodana kaNeri, noJowabe indodana kaSeruya ababekungcwelisile; yilowo nalowo owayengcwelisile okuthile, kwaba phansi kwesandla sikaShelomoti nabafowabo.
29 KumaJisihari uKhenaniya namadodana akhe babephethe umsebenzi ongaphandle kwa-Israyeli, beyizinduna nabahluleli.
30 KumaHebroni uHashabiya nabafowabo, amaqhawe anamandla, beyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa, babe ngababonisi kwa-Israyeli phesheya kweJordani ngasentshonalanga emsebenzini wonke kaJehova nasenkonzweni yenkosi.
31 KumaHebroni uJeriya wayeyinhloko, kumaHebroni njengezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise. Ngomnyaka wamashumi amane wokubusa kukaDavide kwafunwa, kwafunyanwa phakathi kwawo amaqhawe anamandla eJazeri kwaGileyadi.
32 Abafowabo, amaqhawe anamandla, babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa, izinhloko zawoyise, ezenziwa ababonisi phezu kwabakwaRubeni nabakwaGadi nenxenye yesizwe sabakwaManase ezindabeni zonke zikaNkulunkulu nasezindabeni zenkosi.