1 IziKronike

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29

0:00
0:00

Isahluko 11

Wonke u-Israyeli wabuthana kuDavide, wathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.
2 Nangesikhathi esidlulileyo uSawule eseyinkosi, nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova uNkulunkulu wakho wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami u-Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wabantu bami u-Israyeli.’ ”
3 Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.
4 UDavide naye wonke u-Israyeli baya eJerusalema eliyiJebusi; amaJebusi ayakhe kulelo zwe ayeselapho.
5 Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide: “Awuyikungena lapha.” UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.
6 UDavide wathi: “Lowo ochitha amaJebusi kuqala uyakuba yinhloko nenduna.” Kwenyuka kuqala uJowabe indodana kaSeruya, waba yinhloko.
7 UDavide wahlala enqabeni; ngalokho bayibiza ngokuthi umuzi kaDavide.
8 Wakha umuzi nxazonke kusukela eMilo kuya nxazonke; uJowabe wavusa okuseleyo komuzi.
9 UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova Sebawoti wayenaye.
10 Yilaba abayizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo, zibambelela kuye ngamandla ebukhosini bakhe kanye naye wonke u-Israyeli ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngo-Israyeli.
11 Nanku umumo wamaqhawe uDavide ayenawo: uJashobehamu indodana yomHakimoni, inhloko yamashumi amathathu; waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala ngasikhathi sinye.
12 Emva kwakhe ngu-Eleyazare indodana kaDodo umAhohi owayengomunye wamaqhawe amathathu.
13 WayenoDavide ePhasi Damimi; amaFilisti abuthana khona ukuyokulwa, lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele ibhali; abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.
14 Bema phakathi nesiqephu sezwe, basophula, bawabulala amaFilisti; uJehova wabasindisa ngokusindisa okukhulu.
15 Kwehla abathathu kwabayizinhloko ezingamashumi amathathu, baya etsheni kuDavide emhumeni wase-Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa.
16 UDavide wayesesenqabeni, ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema.
17 UDavide wanxanela, wathi: “Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni.”
18 Labo abathathu bafohla ikamu lamaFilisti, bakha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni, bawathatha, bawaletha kuDavide; kepha uDavide akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova, wathi:
19 “UNkulunkulu wami makangenqabele ukuba ngenze lokhu; ngiyakuphuza igazi lalaba bantu ababe sengozini na?” Ngokuba bawaletha besengozini; akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.
20 U-Abishayi umfowabo kaJowabe wayeyinhloko yabathathu, ngokuba waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalaba abathathu.
21 Kulaba abathathu wayetusekile kunababili, waba yisikhulu sabo, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala.
22 NoBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa.
23 Wabulala nowaseGibithe, umuntu omude, eyizingalo eziyisihlanu; esandleni sowaseGibithe kwakukhona umkhonto onjengogongolo lomaluki; wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe.
24 Lezo zinto wazenza uBenaya indodana kaJehoyada, waba negama phakathi kwalawo maqhawe amathathu.
25 Bheka, wayetusekile kunabangamashumi amathathu, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala; uDavide wambeka phezu kwabalindi bakhe.
26 Amaqhawe anamandla nanka: u-Asaheli umfowabo kaJowabe, no-Elihanani indodana kaDodo waseBetlehema,
27 noShamoti waseHarori, noHelesi wasePheloni,
28 no-Ira indodana ka-Ikheshi waseThekhowa, no-Abiyezeri wase-Anathoti,
29 noSibekayi umHushati, no-Ilayi umAhohi,
30 noMaharayi waseNethofa, noHeledi indodana kaBahana waseNethofa,
31 no-Ithayi indodana kaRibayi waseGibeya labantwana bakwaBenjamini, noBenaya wasePirathoni,
32 noHurayi wangasemifudlaneni yakwaGahashi, no-Abiyeli wase-Araba,
33 no-Azimaveti waseBaharumi, no-Eliyaba waseShahaliboni,
34 namadodana kaHashemi waseGizoni, noJonathani indodana kaShage waseHarari,
35 no-Ahiyamu indodana kaSakri waseHarari, no-Elifali indodana ka-Uri,
36 noHeferi waseMekeri, no-Ahiya wasePheloni,
37 noHesiro waseKarmeli, noNaharayi indodana ka-Ezibayi,
38 noJoweli umfowabo kaNathani, noMibihari indodana kaHagiri,
39 noSeleki wakwa-Amoni, noNaharayi waseBeroti, udibi lukaJowabe indodana kaSeruya,
40 no-Ira waseJetheri, noGarebi waseJetheri,
41 no-Uriya umHeti, noZabadi indodana ka-Ahilayi,
42 no-Adina indodana kaShiza wakwaRubeni, inhloko yakwaRubeni, enabangamashumi amathathu,
43 noHanani indodana kaMahakha, noJeshoshafati umMiteni,
44 no-Uziya wase-Ashitaroti, noShama noJehiyeli amadodana kaHothamu wase-Aroweri,
45 noJediyayeli indodana kaShimri, noJoha umfowabo umThisi,
46 no-Eliyeli umMahavi, noJeribayi noJoshaviya amadodana ka-Elinahama, no-Itima wakwaMowabi,
47 no-Eliyeli, no-Obede, noJahashiyeli umMesoba.