1 IziKronike

Isahluko: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29

0:00
0:00

Isahluko 12

Nampa abafika kuDavide eSikilagi esagogobele ebusweni bukaSawule indodana kaKishi; babe phakathi kwamaqhawe, abasizi bakhe empini.
2 Babehlomile iminsalo, besebenzisa isandla sokunene nesokhohlo ekuphonseni amatshe nasekucibisheleni imicibisholo ngomnsalo; ababe kubafowabo bakaSawule kwaBenjamini kwakuyilaba:
3 inhloko u-Ahiyezeri noJowashi amadodana kaShemaha waseGibeya, noJeziyeli noPheleti amadodana ka-Azimaveti, noBerakha, noJehu wase-Anathoti,
4 no-Ishmaya waseGibeyoni, iqhawe phakathi kwabangamashumi amathathu, ebaphethe abangamashumi amathathu, noJeremiya, noJahaziyeli, noJohanani, noJozabadi waseGedera,
5 no-Eluzayi, noJerimoti, noBehaliya, noShemariya, noShefathiya umHarufi,
6 no-Elkana, noJishiya, no-Azareli, noJohezeri, noJashobehamu, amaKora,
7 noJowela noZebadiya, amadodana kaJerohamu waseGedori.
8 KwabakwaGadi abanye bazahlukanisa baya kuDavide enqabeni ehlane, amaqhawe anamandla, abantu abazilungiselele ukulwa, abakwazi ukuphatha isihlangu nomkhonto, ababuso babo bafana nobuso bezingonyama, abanejubane njengezinsephe ezintabeni:
9 ngu-Ezeri inhloko, no-Obadiya owesibili, no-Eliyabe owesithathu,
10 noMishimana owesine, noJeremiya owesihlanu,
11 no-Athayi owesithupha, no-Eliyeli owesikhombisa,
12 noJohanani owesishiyagalombili, no-Elizabadi owesishiyagalolunye,
13 noJeremiya oweshumi, noMakibanayi oweshumi nanye.
14 Lawo madodana kaGadi ayeyizinhloko zempi; encinyane kuwo yayilingana nekhulu, yalingana nenkulungwane.
15 Yilabo ababewela iJordani ngenyanga yokuqala, ligcwele liphuphuma zonke izingu zalo; baxosha bonke abasezigodini ngasempumalanga nangasentshonalanga.
16 Kwafika nabantwana bakwaBenjamini noJuda enqabeni kuDavide.
17 UDavide waphuma ukubahlangabeza, wathatha, wathi kubo: �Uma nize nokuthula kimi ukungisiza, inhliziyo yami iyakuba nye nani, kepha uma kungukungikhohlisa ezitheni zami, lokhu kungekho okubi ezandleni zami, uNkulunkulu wawobaba makakubheke, akujezise.�
18 Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi owayeyinhloko yabangamashumi amathathu, wathi: �Singabakho thina, Davide, sinawe, wena ndodana kaJese; ukuthula, ukuthula makube nawe, ukuthula makube nabakusizayo, ngokuba uNkulunkulu wakho uyakusiza.� Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.
19 Kwafika abanye kwabakwaManase kuDavide, lapho efika namaFilisti ukulwa noSawule, kepha abawasizanga, ngokuba izinduna zamaFilisti sezilulekene zammukisa, zathi: �Uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule, amakhanda ethu abe sengozini.�
20 Ekuyeni kwakhe eSikilagi kwahlubukela kuye kwabakwaManase o-Adina, noJozabadi, noJediyayeli, noMikayeli, noJozabadi, no-Elihu, noSilethayi, izinhloko zezinkulungwane zabakwaManase.
21 Bamsiza uDavide eviyweni, ngokuba babe ngamaqhawe anamandla bonke, beyizinduna zempi.
22 Ngokuba imihla ngemihla bafika kuDavide ukumsiza, kwaze kwaba yimpi enkulu njengempi kaNkulunkulu.
23 Nazi izibalo zezinhloko zababehlomele ukulwa abeza kuDavide eHebroni ukuba baguqulele umbuso kaSawule kuye njengezwi likaJehova.
24 Abantwana bakwaJuda ababephethe izihlangu nemikhonto babeyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisishiyagalombili, behlomele ukulwa.
25 Kubantwana bakwaSimeyoni amaqhawe anamandla okulwa yizinkulungwane eziyisikhombisa nekhulu.
26 Kubantwana bakwaLevi yizinkulungwane ezine namakhulu ayisithupha.
27 UJehoyada wayengumholi wakwa-Aroni, enezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisikhombisa,
28 noSadoki insizwa eyiqhawe elinamandla, nasendlini kayise izinduna ezingamashumi amabili nambili.
29 Kubantwana bakwaBenjamini, abafowabo bakaSawule, yizinkulungwane ezintathu, ngokuba kuze kube manje imvama yabo yayithembekile endlini kaSawule.
30 Kubantwana bakwa-Efrayimi yizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu ayisishiyagalombili, amaqhawe anamandla, abantu abanegama ezindlini zawoyise.
31 Kuyo inxenye yesizwe sakwaManase yizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, ezabizwa ngamagama ukuba zize zimbeke uDavide inkosi.
32 Kubantwana bakwa-Isakare ngabazi ukuqonda izikhathi ukuba bazi okufanele ukwenziwa ngu-Israyeli; izinhloko zabo zazingamakhulu amabili; bonke abafowabo balalela izwi labo.
33 KuZebuloni abangaphuma impi, bayihlele impi benezikhali zonke zokulwa, yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, bezihlela nganhliziyonye.
34 KuNafetali yizinduna eziyinkulungwane, zinezinkulungwane ezingamashumi amathathu nesikhombisa eziphethe isihlangu nomkhonto.
35 KwabakwaDani abangahlela impi yizinkulungwane ezingamashumi amabili nesishiyagalombili namakhulu ayisithupha.
36 Ku-Asheri abangaphuma impi, bayihlele impi, yizinkulungwane ezingamashumi amane.
37 Ngaphesheya kweJordani kwabakwaGadi nasenxenyeni yesizwe sakwaManase, benezikhali zonke zempi zokulwa, yizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili.
38 Onke lawo madoda empi, angahlela impi, afika eHebroni ngezinhliziyo ezipheleleyo ukubeka uDavide inkosi kwa-Israyeli; nabo bonke abaseleyo bakwa-Israyeli babenhliziyonye ukumbeka uDavide inkosi.
39 Babe lapho noDavide izinsuku ezintathu, bedla, bephuza, ngokuba abafowabo babebalungisele.
40 Ababe seduze nabo kuze kube kwa-Isakare, nakwaZebuloni, nakwaNafetali baletha isinkwa ngezimbongolo, nangamakamela, nangeminyuzi, nangezinkabi, nokudla kwempuphu, nezigaxa zamakhiwane, nezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo, newayini, namafutha, nezinkabi, nezimvu eziningi, ngokuba kwakukhona ukuthokoza kwa-Israyeli.