1 IziKronike

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29

0:00
0:00

Isahluko 20

Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi, uJowabe wahola amaqhawe empi, wachitha izwe labantwana bakwa-Amoni, weza wavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema. UJowabe walinqoba iRaba, walidiliza.
2 UDavide wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wafumana isisindo sawo ukuthi sasiyitalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; wakhipha emzini impango eningi kakhulu.
3 Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo, wabanquma ngamasaha, nangezibhuqo zensimbi, nangamazembe; wenze njalo uDavide kuyo yonke imizi yabantwana bakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.
4 Emva kwalokho kwavuka impi namaFilisti eGezeri; khona uSibekayi, umHushati, wabulala uSiphayi wamadodana amaRefa; anqotshwa.
5 Kwabuye kwaba khona impi namaFilisti; u-Elihanani, indodana kaJayire, wabulala uLahimi umfowabo kaGoliyati, umGiti, oluthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki.
6 Kwabuye kwaba khona impi eGati, lapho kwakukhona umuntu omude; iminwe yakhe nezinzwani zakhe kwakungamashumi amabili nane, isithupha esandleni sisinye, nesithupha onyaweni lulunye; naye wazalwa yiRefa.
7 Wameyisa u-Israyeli; ngalokho uJonathani indodana kaShimeya umfowabo kaDavide wambulala.
8 Labo bazalwa ngamaRefa eGati, bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.