1 IziKronike

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29

0:00
0:00

Isahluko 25

UDavide nezinduna zempi base bahlukanisela inkonzo amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani, nakaJeduthuni, ayeyakuprofetha ngamahabhu, nangezingubhu, nangamasimbali; umumo wabantu balo msebenzi wenkonzo wawunje:
2 emadodaneni ka-Asafa: ngoZakuri, noJosefa, noNethaniya, no-Asharela, amadodana ka-Asafa, phansi kwezandla zika-Asafa owaprofetha ngezandla zenkosi.
3 KuJeduthuni: amadodana kaJeduthuni: ngoGedaliya, noSeri, noJeshaya, noShimeyi, noHashabiya, noMatithiya, bebayisithupha, phansi kwezandla zikayise uJeduthuni owaprofetha ngehabhu ngokubonga nangokudumisa uJehova.
4 KuHemani: amadodana kaHemani: ngoBukiya, noMathaniya, no-Uziyeli, noShebuweli, noJerimoti, noHananiya, noHanani, no-Eliyatha, noGidaliti, noRomamiti Ezeri, noJoshibekasha, noMaloti, noHothiri, noMahaziyoti;
5 bonke labo babe ngamadodana kaHemani umboni wenkosi ngamazwi kaNkulunkulu okuphakamisa uphondo lwakhe; uNkulunkulu wamnika uHemani amadodana ayishumi nane namadodakazi amathathu.
6 Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali, nangezingubhu, nangamahabu enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi.
7 Umumo wabo kanye nabafowabo ababefundisiwe ukuhlabelela kuJehova nabayizazi wawungamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili.
8 Benza inkatho ngenkonzo, omunye ngomunye, omncane njengomkhulu, isazi nomfundi.
9 Inkatho yokuqala yadla uJosefa ka-Asafa, neyesibili uGedaliya; yena nabafowabo namadodana akhe babe yishumi nambili;
10 eyesithathu uZakuri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
11 eyesine uJisiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
12 eyesihlanu uNethaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
13 eyesithupha uBukiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
14 eyesikhombisa uJesharela, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
15 eyesishiyagalombili uJeshaya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
16 eyesishiyagalolunye uMathaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
17 eyeshumi uShimeyi, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
18 eyeshumi nanye u-Azareli, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
19 eyeshumi nambili uHashabiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
20 eyeshumi nantathu uShubayeli, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
21 eyeshumi nane uMatithiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
22 eyeshumi nanhlanu uJeremoti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
23 eyeshumi nesithupha uHananiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
24 eyeshumi nesikhombisa uJoshibekasha, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
25 eyeshumi nesishiyagalombili uHanani, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
26 eyeshumi nesishiyagalolunye uMaloti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
27 eyamashumi amabili u-Eliyatha, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
28 eyamashumi amabili nanye uHothiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
29 eyamashumi amabili nambili uGidaliti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
30 eyamashumi amabili nantathu uMahaziyoti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
31 eyamashumi amabili nane uRomamiti Ezeri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili.