1 IziKronike

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29

0:00
0:00

Isahluko 4

Amadodana kaJuda: ngoPheresi, noHesironi, noKarmi, noHure, noShobali.
2 URewaya indodana kaShobali wazala uJahati; uJahati wazala o-Ahumayi noLahadi. Leyo yayiyimindeni yamaSorati.
3 Yilaba abangabakayise ka-Etamu: oJizreyeli, no-Ishima, no-Idibashi, igama likadadewabo lalinguHaseleliponi
4 noPhenuweli, uyise kaGedori, no-Ezeri, uyise kaHusha. Yilabo ababe ngamadodana kaHure izibulo lika-Efratha, uyise kaBetlehema.
5 U-Ashuri uyise kaThekhowa wayenabafazi ababili, oHela noNahara.
6 UNahara wamzalela o-Ahuzamu, noHeferi, noThemeni, noHawahashitari. Yilabo ababe ngamadodana kaNahara.
7 Amadodana kaHela: ngoSereti, noJisihari, no-Ethinani.
8 UKhosi wazala o-Anubi, noSobeba, nemindeni ka-Ahariheli indodana kaHarumu.
9 UJabesi wayetuseka kunabafowabo; unina wamqamba igama lokuthi uJabesi, ethi: “Ngokuba ngamzala ngibuhlungu.”
10 UJabesi wabiza uNkulunkulu ka-Israyeli, wathi: “Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umkhawulo wami, isandla sakho sibe nami, ungivikele ebubini, ngingehlelwa ngubuhlungu.” UNkulunkulu wamnika akucelayo.
11 UKelubi umfowabo kaShuba wazala uMehiri owayenguyise ka-Eshitoni.
12 U-Eshitoni wazala uBeti Rafa, noPhaseya, noThehina uyise ka-Iri Nahashi. Yilabo ababe ngamadodana kaRekha.
13 Amadodana kaKenazi: ngo-Otheniyeli noSeraya; amadodana ka-Otheniyeli: nguHathati.
14 UMehonothayi wazala u-Ofira; uSeraya wazala uJowabe uyise wesigodi sabakhandi, ngokuba babe ngabakhandi.
15 Amadodana kaKalebi indodana kaJefune: ngo-Iru, no-Ela, noNahamu, namadodana ka-Ela, noKenazi.
16 Amadodana kaJehaleli: ngoZifi, noZifa, noThiriya, no-Asareli.
17 Amadodana ka-Ezra: ngoJetheri, noMeredi, no-Eferi, noJaloni; wazala oMiriyamu, noShamayi, no-Ishiba uyise ka-Eshitemowa.
18 Umkakhe umJudakazi wazala uJeredi uyise kaGedori, noHebere uyise kaSoko, noJekuthiyeli uyise kaZanowa. Kepha abanye babe ngamadodana kaBithiya indodakazi kaFaro eyathathwa nguMeredi.
19 Amadodana omkaHodiya udadewabo kaNahamu ayenguyise kaKeyila umGarimi no-Eshitemowa umMahakha.
20 Amadodana kaShimoni: ngo-Amnoni, noRina, noBeni Hanani, noThiloni. Amadodana ka-Ishi: ngoZoheti noBeni Zoheti.
21 Amadodana kaShela indodana kaJuda: ngu-Eri, uyise kaLekha, noLahada uyise kaMaresha, nemindeni yendlu yabaluka ilineni elicolekileyo bendlu ka-Ashibeya,
22 noJokimi, nabantu baseKhozeba, noJowashi, noSarafi ababebusa kwaMowabi, noJashubi Lehemi. Ngezasendulo kodwa lezi zindaba.
23 Labo babe ngababumbi nabakhileyo eNethayimi naseGedera; bahlala khona nenkosi ngomsebenzi wayo.
24 Amadodana kaSimeyoni: ngoNemuweli, noJamini, noJaribi, noZera, noShawule,
25 noShalumi indodana yakhe, noMibisamu indodana yakhe, noMishima indodana yakhe.
26 Amadodana kaMishima: ngoHamuweli indodana yakhe, noZakuri indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe.
27 UShimeyi wayenamadodana ayishumi nesithupha namadodakazi ayisithupha; kepha abafowabo babengenabantwana abaningi, nomndeni wabo awandanga njengabantwana bakwaJuda.
28 Bahlala eBeri Sheba, naseMolada, naseHasari Shuwali,
29 naseBiliha, nase-Esemi, naseTholadi,
30 naseBetuweli, naseHorma, naseSikilagi,
31 naseBeti Marikaboti, naseHasari Susimi, naseBeti Biri, naseShaharayimi. Yileyo eyayiyimizi yabo kwaze kwabusa uDavide.
32 Imizana yabo yayiyi-Etamu, ne-Ayini, neRimoni, neThokheni, ne-Ashani, imizi eyisihlanu,
33 kanye nayo yonke imizana eyayiyizungeza le mizi kwaze kwaba seBali. Lezo zaziyizindawo zabo, bebhalwe ngezizukulwane zabo.
34 Futhi oMeshobabi, noJamileki, noJosha indodana ka-Amasiya,
35 noJoweli, noJehu kaJoshibiya kaSeraya ka-Asiyeli,
36 no-Eliyohenayi, noJahakhoba, noJeshohaya, no-Asaya, no-Adiyeli, noJesimiyeli, noBenaya,
37 noZiza kaShifi ka-Aloni kaJedaya kaShimri kaShemaya.
38 Labo ababizwe ngamagama babeyizikhulu emindenini yabo; izindlu zawoyise zanda kakhulu.
39 Baya ngasekungeneni eGedori ngasohlangothini lwasempumalanga kwesigodi ukufunela izimvu zabo idlelo.
40 Bafumana idlelo elivundileyo nelihle; izwe lalibanzi nxazombili, lizolile, linokuthula, ngokuba ababehlala khona kuqala babe ngabakwaHamu.
41 Labo abalotshwe ngamagama bafika ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, bachitha amatende abo namaMehuni afunyanwa khona, bawaqothula kuze kube namuhla, bahlala esikhundleni sabo, ngokuba kwakukhona idlelo lezimvu zabo lapho.
42 Abanye babo, amadodana kaSimeyoni, abantu abangamakhulu ayisihlanu, baya entabeni yaseSeyiri benezinduna zabo oPhelathiya, noNehariya, noRefaya, no-Uziyeli, amadodana ka-Ishi.
43 Bachitha insali yama-Amaleki ephunyukileyo, bahlala khona kuze kube namuhla.